KUBE nomhlangano oyisipesheli ngaphambi kokuthi kususwe amatekisi abevale imigwaqo engena eMhlanga njengoba osomatekisi bebefuna irenki.
Izolo osomatekisi abangaphansi kweGreater North bapake amatekisi emgwaqweni ngoba bekhala ngokuthi abanayo indawo yokupaka, kwazise bafice lapho bepaka khona kuvalwe ngemigoqo.
UMnuz Themba Kubheka kasoseshini iGreater North, uthe ngaphambi kokuthi kwakhiwe inxanxathela yezitolo, i-Oceans Mall bebenerenki abapaka kuyo njengoba beletha izinkumbi zabasebenzi eMhlanga.
Uthe emuva kokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo banikwe indawo yokupaka kodwa bafika isivaliwe.
Ukhale ngokuthi uma amatekisi epaka emgwaqweni ayaboshwa ngakho-ke babone kungcono ukuthi bawapake emgwaqweni ukuze uMasipala weTheku usheshise ngesisombululo.
“Sibe nomhlangano oyisipesheli nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. Kuvunyelwane ngokuthi kuvulwe indawo esipaka kuyona ukuze sikwazi ukusebenza. Amatekisi ayasebenza manje. Kusasa (namhlanje) sizoba nomunye umhlangano ukuze sisombulule lolu daba,” kusho uKubheka.
UCol Boycie Zungu wamaphoyisa kaMasipala weTheku, uthe amatekisi asusiwe emgwaqweni emuva komhlangano obe khona phakathi kwamatekisi, umasipala nezinye izinhlaka ezithintekayo.
Uthe izingxoxo zizoqhubeka namhlanje ukuze kutholakale isisombululo sesikhathi eside kulolu daba.