INHLANGANO emele abemikhiqizo yenkukhu kuleli, iSouth African Poultry Association (Sapa), inxusa uhulumeni ukuthi anikeze amazwe ase-Afrika ithuba lokuqala lokuthi adayisele iNingizimu Afrika amaqanda.
Kuleli sonto uNgqongqoshe wezoLimo, ezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Thoko Didiza, umemezele ukuthi ukhiphe izimvume zokungeniswa kwamaqanda aphuma kwamanye amazwe ezingaphezulu kuka-100.
UDkt Abongile Balarane wale nhlangano, uthe isinyathelo sikaNkk Didiza sizosiza imboni.
“Ngaphansi kwezimo ezejwayelekile imboni yamaqanda yaseNingizimu Afrika inezikhukhukazi ezibalelwa ku-27 million ezisizalela amaqanda nsuku zonke.
Zibalelwa ezigidini eziyisithupha kuzo ezibulewe, eziyizigidi ezintathu zithintekile. Sivumelene ngokugcwele ngokungeniswa kwamaqanda alungele ukudliwa, ayimpuphu nalungele ukuchanyiselwa, aphuma kwamanye amazwe," kusho uDkt Balarane.
Uthe lokhu kuzosisiza ngesikhathi kusakhiwa kabusha ukuze iNingizimu Afrika ibe nesibalo esanele sezinkukhu.
“Sikholwa wukuthi amazwe ase-Afrika eseNingizimu afana neZimbabwe, Namibia, Angola, Malawi, angenawo umkhuhlane wezinyoni, angakwazi ukusiza,” kusho uDkt Balarane.
UMnuz Mayoyo Mngomezulu, wenyunyana yabasebenzi abasembonini yokudla, kubo okuhlanganisa nabasemkhakheni okhiqiza imikhiqizo yenkukhu, iFood and Allied Workers Union (Fawu), uthe ukungeniswa kwemikhiqizo yenkukhu yangaphandle akumele kusetshenziselwe ukuvulela amazwe aphesheya ukuthi alahle imikhiqizo yawo yenkukhu kuleli mahhala.
"Uthe kumele kuqaphelisiswe ngoba lesi sikhathi singasetshenziswa nangabaqashi ukuze baxoshe abasebenzi noma babanciphisele umholo," kusho uMngomezulu.