USUFUNA kutshalwe amasosha umphakathi waseBhambayi eNanda ngenxa yokudlanga kwezigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo.
Esigamekweni sakamumva esenzeke ngoLwesithathu, kudutshulwe abayisikhombisa ezigamekweni ezehlukene. Kubona kufe abathathu, okukhona kubo nelungu eliqavile leCPF.
UMnuz Mnakiseni Mngadi (50) obesekhaleni lokulwa nobugebengu endaweni kuthiwa uhlaselwe esekhaya.
Kuthiwa izigilamkhuba zigasele kwakhe ngabo-7 ebusuku, ematasa nomunye umuntu wendawo, belungisa i-burglar guard lasemnyango.
Kuvela ukuthi kuzwakale kusho inhlamvu, kanti sekudutshulwa yena umufi.
Umholi womphakathi ongathandanga ukudalulwa ngoba ethi angase naye esezithola eselandelwa, uthe akusekho ukukhululeka ebantwini basendaweni ngenxa yeqembu lezigebengu ezingaziwa ezigasele emphakathini.
“Cishe ngesonto, babalelwa ku-30 abantu abadutshulwayo eBhambayi. Okubuhlungu wukuthi lezi zigameko ziyabikwa njalo emaphoyiseni kodwa asiboni bungcono.
Sesifisa nokuthi kutshalwe amasosha kule ndawo ngoba bayaphela abantu.”
Uthe ezigamekweni eziningi abantu bangenelwa emakhaya, badutshulwe bafe, onenhlanhla uyasinda, aphuthunyiswe esibhedlela.
Uthe kwezinye izigameko abantu badutshulwa besemgwaqweni.
Uqhube wathi indlela esibi ngakhona isimo, abantu sebesaba ngisho nokukhuluma ngesihlava ngoba uma ukhuluma uyalandelwa.
Wathi nemfundo yezingane iyathikamezeka ngoba konke okwenzekayo kwenzeka zibuka.
Lo mholi uthe ukubulawa kwabantu ngale ndlela kule ndawo angakufanisa nesibhicongo.
Inkosikazi kaMngadi, uNkk Nokuthula Mngadi, ithe yona nomndeni wayo sebebongile ngendawo yaseBhambayi.
“Uma kudlula konke lokhu, mina nezingane zami sizothutha kule ndawo. Ngiyayibonga iBhambayi. Angiyifisi. Bangasala bawafune amasosha, mina nomndeni wami, siyahamba,” kusho uNkk Mngadi.
Uthe yize engabazi abasolwa kodwa uyakholwa wukuthi ngabantu ababazi kahle ngoba ngesikhathi behlasela, baqede ukudubula umyeni wakhe baqonda ngqo kuye.
“Bangifune isibhamu. Bathi ngeke ukuba akangitsheli ukuthi unesibhamu futhi ngiyasazi ukuthi sihlalaphi. Ngilandulile ngathi akanaso isibhamu, bangishaya, baphinde bapekequla indlu yonke besibheka kodwa bangasithola,” kusho uNkk Mngadi.
Uveza nokuthi bathe besuka, bathi akabanike izikhiye zasendlini yabo yomxhaso ekhona endaweni.
“Angibanikanga ngoba bezikuye ubaba. Engikutholile namuhla ekuseni (esho izolo) wukuthi bayile emxhasweni wethu, bafike bagqekeza, bapekequla nakhona, okusobala bebeyocinga sona isibhamu abebesifuna.
Laba bantu banalo lonke ulwazi ngathi uma bazi nokuthi sinamakhaya amabili kule ndawo,” kusho uNkk Mngadi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala.
Uthe imbangela yokubulala ayikakaziwa.