UMPHAKATHI wasehostela laKwaMashu ukhala ngobugebengu obuhambisana nokubulawa kwabantu okuthiwa kwenziwa abafana abancane abasatshwayo.
Umhlali ocele kugodlwe igama lakhe obona engaphephile, uthe la bafana basiqhumisa umlibe isibhamu kubuka wonke umuntu.
“Abafana abasebancane abenza le nto. Sidinga ezokuphepha ziqine, kufakwe amaphoyisa. Izibhamu ziningi ehostela. Kunzima nokukhuluma ngale nto emphakathini ngoba kukhona abantu abagade la bafana ababatshela ukuthi ubani uthini, kubani ngabo,” kusho umhlali.
Omunye umhlali, uthe ubugebengu budlangile ehostela awukwazi ukuhamba ukhululeke ebusuku.
“Ukuhamba nje uphumele phandle, ngisho ubheka umngani noma isihlobo uthuka izanya ngoba usuke uzokhuthuzwa noma uthathelwe izinto oziphethe ulinyazwe,” kusho umhlali.
Uthe yizingane ezincane ezihluphayo eziphuma ehostela ziyokwenza ubugebengu.
Ulandise wathi emasontweni amabili edlule zidune iloli yotshwala zeza nayo ehostela kwaba umazitapele.
Ngesonto eledlule kube esifanayo kudunwa iloli yenyama. Emuva kwalokho uthe akulalwanga izibhamu zaqhuma kwaze kwasa emuva kokuthi kudutshulwe kwafa omunye walaba bafana.
“Le zingane zinezibhamu. Asihleli kahle ehostela. Ukuba kuya ngami bekuzoba nomahamba nendlwana wesiteshi samaphoyisa ehostela. Uma kuqhuma isibhamu asizwe eseduzane amaphoyisa,” kusho umhlali.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mzwethu Gwala, lithe inkulu inkinga ekhungethe ihostela futhi wamtshela umphathi wesiteshi samaphoyisa endawo ngokumele kwenziwe yena wenza okwakhe.
UGwala uthe watshela umasteshi ukuthi akalande amaphoyisa kazwelonke azotshalwa ehostela ukuze akhuculule izibhamu athe zigcwele.
“Isixazululo engasinikezwa wumphakathi ukuthi kwenziwe njengasehostela iGlebelands (eMlaza), kulandwe amaphoyisa kazwelonke ngoba awendawo kawanele futhi awanazo izinsiza kusebenza ezanele,” kusho uGwala.
UGwala usole umphathi siteshi wathi wakuhlaba inhlali amtshela khona ayekuthunywe umphakathi.
Uqhube wathi kunalokho wabiza amakhosi ukuba azokhuluma nabantu kwalandwa nebandla elafika lashiya umkhuleko.
UGwala uqhube wathi nsuku zonke kuqhuma isibhamu ehostela KwaMashu, kunezingane ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi ezijomba igazi.
“Kufa abantu abathathu kuya phezulu njalo ngesonto ehostela. La bantu babulawa ngokudutshulwa okukhomba inkinga yezibhamu ehostela,” kusho uGwala.
Kwesikabhadakazi ngoLwesine kubikwa ukuthi kudutshulwe kwabulawa ibhungu nomalume walo.
Ngeledlule amaphoyisa athe zikhona izinhlelo anazo zokulwa nobugebengu obuhlalise lubhojozi umphakathi emgwaqweni uDumisani Makhaye.
Anxenxe abantu ukuthi babike ngobugebengu obenzeka ehostela futhi balekelele amaphoyisa ngemininingwane engaholela ekutheni kunqandwe izigelekeqe.
Abe esekhuthaza abantu ukuthi bapheze ukuhamba kulo mgwaqo ngabodwana ebusuku okuyisikhathi okubikwa ukuthi lisuke libhubha ubugebengu.