BAFUNA akhalelwe ngamasongo kaSigonyela umhlengikazi wakwaF eMlaza, osagcwele amathafa osolwa ngokushisa abulale amalungu omndeni wakhe amathathu kubangwa indlu eyifa lomndeni.
Kulesi sigameko esenzeke ekupheleni kuka-Ephreli, kwashona uMnuz Xolani Eugene Ntaka (39), indodana yakhe uMnotho Kunene nelinye ilungu lomndeni elangena lithi liyotakula, uMnuz Thuthukani Ngcamu (32).
Ngokusho kukaNksz Thabile Kunene, ongunina kaMnotho, amaphoyisa agcine ethola upharafini owuhhafu esigujini endlini kamsowa, esekhale amaphepha emva kwesigameko.
Uthe wonke lo monakalo wenzeka nje, yena akekho ekhaya, ulele esitokisini uboshiswe wuye umsolwa owayempimpe emaphoyiseni ngokudayisa utshwala ngokungekho emthethweni, ezama ukuziphilisa yena nomndeni wakhe.
“Usibizele amaphoyisa sinoXolani, ethi simbangela umsindo ngokudayisa utshwala ekhaya. Amaphoyisa afika engekho uXolani, wawayalela ukuthi avele athathe mina ngoba sibudayisa sobabili,” kusho UNksz Kunene.
Uthe bekungalobo usuku ke, uXolani noMnotho beshiswa nendlu.
Uthe bathe uma bememeza befuna usizo, kweza uNgcamu ezobatakula.
“Ungene endlini wazama ukusiza uXolani kodwa yena wamcela ukuba ayoqala ngoMnotho. Umfice eseshile uMnotho kodwa esaphila. Ushe naye ngaleso sikhathi kodwa baphuma,” kusho uNksz Kunene.
Uthe uXolani wathulela endaweni yesigameko kanti uMnotho noNgcamu bona bashonela esibhedlela ngosuku olufanayo.
Uveze ukuthi umsolwa uthe uma esewenzile umonakalo, washayela amaphoyisa, enza sengathi akazi lutho ngesehlalo kodwa umphakathi wamthelekela.
“Abantu bebedinwa ukuthi bayazi ukuthi kade esibophisa emini futhi bebeziqonda izinkulumo zakhe ezimbi ezithinta ukuhlala kwethu kule ndlu abashise nayo,” kusho uNksz Kunene.
Echaza ngendlu, uthe kwakungeyamfowabo kamsolwa, ongumalume kuNtaka, kanti uNtaka wagcina eyisebenzisa ngoba kuyindlu yomndeni futhi umnikazi wayo ashona engenangane.
Usole umsolwa ngokuba nenhliziyo embi.
“Ngifisa abanjwe aboshwe, ake ayochaza phambi kwemantshi ukuthi uSathane ongaka uwenzeleni?” kusho uNksz Kunene ekhala.
Uthe okumphatha kabi ukuthi kulesi sigameko kushe nendodana kamsolwa, uMnuz Melusi Ntaka (33), ebizama ukusiza abafi.
“Kumanje usephumile esibhedlela. Unakekelwa yimi ngoba naye washa kakhulu. Amabhandishi uwashintshwa yimi,” kusho uNksz Kunene.
Ubuye wasola umsolwa ngokubaguqukela esiswini njengotshwala njengoba eveze ukuthi ubuye eKapa, lapho abengumhlengikazi egula ebuthwa nezibi.
“Ubenakekelwa yimi lo ngalezi ezami izandla, ngimphipha. Kodwa uthe angasinda ngoDisemba waqala wasilwisa, esho ukuthi akasidingi endlini,” kusho uNksz Kunene.
Uveze nokuthi ngesikhathi efaka izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana emva kwesigameko, ecela ukufuniswa yena, abanye abahlengikazi abathe babesebenza nabo eKapa, bamsole ngokuba namanga.
“Bathe ngimfakelani umuntu osewashona ezinkundleni zokuxhumana ngithi wenze okubi. Kusize ukuthi ngifake ezinye izithombe zakhe nokuthi ngichaze ukuthi uyaphila, akashonanga,” kusho uNksz Kunene.
Uveze ukuthi yena noyise wengane yakhe bebehlala kuleli khaya ngaphandle kwenkinga kusuka ngo-2016, izinkinga ziqale sekubuya umsolwa eKapa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya amadokodo amathathu okufa kwabantu.
“Owesilisa ushe washonela khona endaweni yesigameko emva kokuthi indlu abelele kuyo ithungeleke ngomlilo. Ingane yakhe ebinaye ngaphakathi nomunye wesilisa nabo bashile. Kuvele ukuthi ingane (3) nomunye bashonile nabo ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uNetshiunda.