AMAQEMBU ezepolitiki nabantu bakuleli bafisele uNdunankulu kaZulu nomsunguli we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ukwelulama kulandela ukuqinisekiswa kwezindaba zokuthi ungeniswe esibhedlela.
Amazwi enduduzo eze emva kokuthi abantu benxuswe ukuba bakugweme ukuyobona uButhelezi esibhedlela ukuze azothola ukuphumula okwanele.
Okhulumela ihhovisi likaButhelezi, uNksz Liezl Van Der Merwe, uthe ukuthola ukuphumula okwanele kukaButhelezi kuzomnikeza ithuba lokuthi alulame ngokushesha.
UVan Der Merwe uthe isimo sikaButhelezi asikho bucayi.
“Uqale wangeniswa esibhedlela eyoxilongwa, eyolashwa nezinhlungu ebesezimphathe isikhathi eside eqolo. Wakhishwa esibhedlela kodwa ngebhadi kwabuye kwadingakala ukuthi abuyiselwe ukuze ayoqhubeka nokwelashwa futhi alulame. Isizwe sizokwaziswa uma kukhona okusha.”
I-DA ne-ActionSA angamanye amaqembu ezepolitiki afisele uButhelezi ukululama ngokushesha.
La maqembu ancome igalelo likaButhelezi ekulweleni inkululeko yakuleli, aphinde azwakalisa ukuthi azosebenzisana ne-IFP emva kokhetho lwangonyaka ozayo.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe bayazwelana ne-IFP noZulu wonkana kulesi sikhathi.
“Njengomholi ohlonishwa uZulu wonkana, ophinde athandwe yibo bonke abantu bakuleli ngeqhaza lakhe alibambile ukulwela inkululeko yakuleli nokusungulwa kukahulumeni wentando yeningi, uButhelezi ubalulekile kakhulu kuleli.”
USteenhuisen uthe usemagange ukuba uButhelezi abacobelele ngamasu okubusa ngokubambisana njengoba emaningi amathuba okuthi elakuleli liphathwe uhulumeni wokubambisana emva kokhetho oluzayo.
“UButhelezi unesipiliyoni seminyaka kwezepolitiki ngakho silindele ukuthi asichushise. Sinesiqiniseko sokuthi i-IFP izodlala indima ebalulekile ekukhipheni i-ANC emandleni. I-IFP ibambe iqhaza elikhulu kwipolitiki yakuleli.”
USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe banobudlelwano obuhle ne-IFP.
“Njengoba sibheke okhethweni lwango-2024, siyabuhlonipha ubudlelwano esinabo ne-IFP noButhelezi. Kubalulekile ukuthi sikusho ukuthi sizibophezele ekubeni yingxenye yokukhipha abantu baKwaZulu-Natal nasezweni jikelele, osizini lokwehluleka kukahulumeni we-ANC. Sifisela uMntwana waKwaPhindangene ukwelulama okusheshayo.”
Nasezinkundleni zokuxhumana abantu bakuleli bafisele uButhelezi ukwelulama ngokushesha.
Ngonyaka owedlule, uButhelezi uke wangeniswa esibhedlela, wabuye wadedelwa emva kwezinsukwana.
Ngenyanga ezayo uButhelezi uzokube ehlanganisa iminyaka engu-95.