IHHOVISI leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini lifisa kube nesigodlo esizoba seGauteng njengoba lesi sifundazwe sesizosingatha imikhosi yaseNdlunkulu emikhulu okukhona kuyo noMkhosi woMhlanga.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu wasoNkweni, uthe ukuba khona kwesigodlo eGauteng kungenza kube lula ukusingatha imikhosi yaseNdlunkulu kulesi sifundazwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngohambo lweSilo lwaseGauteng, lapho iNgonyama ihlangane nabantu abaqhamuka emikhakheni ehlukene.
Phakathi kwabantu abahlangane neSilo kubalwa uNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, nokuyilapho kuvunyelwane khona ngokuthi imikhosi yaseNdlunkulu emikhulu efana noMkhosi woMhlanga kanye noMkhosi weLembe yenziwe naseGauteng.
“Enye into esiyibhekayo ukuthi kube nesigodlo esizoba seGoli lapho kuzokwenziwa khona le mikhosi. Sikhulekela ukuthi leli phupho lifezeke.”
UMntwana u-Africa uveze ukuthi maduze bazoqala izinhlelo zoMkhosi woMhlanga wakulo nyaka.
“Kuzohlanganiswa ithimba elizokwenza amalungiselelo oMkhosi woMhlanga. Silindele ukuthi iNgonyama iphakamise amagama abantu efisa ukuthi babe sethimbeni elizohlela uMkhosi woMhlanga, emva kwalokho siyobe sesimemezela izinhlelo.”
UMntwana u-Africa usikaze ukuthi uMkhosi woMhlanga waseGoli ungase ube ngo-Okthoba.
“Ngeke ukwazi ukuba ngoSepthemba ngoba miningi eminye imikhosi eba ngoSepthemba, ingakho sibukela ku-Okthoba.”
UMntwana u-Africa uthe ukwenziwa kwemikhosi eGauteng kuzoqeda ukukhala kwamaZulu ahlala kulesi sifundazwe abengakwazi ukuhambela imikhosi eba KwaZulu-Natal.
“Inkinga eba khona ukuthi abantu abaningi abahlala eGoli bebengakwazi ukuhambela imikhosi ngenxa yokuthi kukude futhi kuyabiza nokugibela. Bekuba nzima nokuhlela amabhasi azosuka eGauteng ngenxa yokuthi baningi kakhulu abantu abangamaZulu abahlala eGauteng. Bekuyinto engeyinhle ukuthi kusale ngaphandle abantu abangu-3 million.”
UMntwana u-Africa uthe ngaphandle kwamaZulu ahlala eGauteng, kunabantu abaningi bakulesi sifundazwe abangewona amaZulu kodwa abathanda imikhosi yaseNdlunkulu.
“IGauteng izokudida ngoba kufike kube khona amaZulu, kube khona abantu abakhuluma isiZulu noma bengesiwona amaZulu, bese kuba nalaba abazithandela imikhosi yaseNdlunkulu. Bonke laba bantu bebesala ngaphandle uma kunemikhosi yaseNdlunkulu. Manje sebezokwazi ukuthi babe ingxenye yayo njengoba izoba sesifundazweni sabo.”
UMntwana u-Africa uthe ahamba kakhle amalungiselelo oMkhosi woMhlanga noMkhosi weLembe ezokuba KwaZulu-Natal.
Le mikhosi iyaye ibe ngoSepthemba. Umkhosi woMhlanga uba sesigodlweni eNyonkeni kanti uMkhosi weLembe uba KwaDukuza.