YIZE umndeni kaNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi ujabule ukuthi angase adedelwe esibhedlela ngesonto elizayo kodwa uthi kuyadumaza ukuthi uzolugubha esibhedlela usuku lwakhe lokuzalwa.
NgeSonto uShenge, osekuphele inyanga enyangwa esibhedlela, uzobe ehlanganisa iminyaka engu-95 edla anhlamvana.
Izolo umndeni uveze ukuthi lo mholi uzoficwa wusuku lwakhe lokuzalwa esesibhedlela njengoba kubhekwe ukuthi akhishwe ngesonto elizayo.
Lezi zindaba ziqinisekiswe okhulumela umndeni, uDkt Bhekuyise Ngqengelele Buthelezi, oveze ukuthi uShenge welulama kahle.
“Kuyinjabulo kimi ukuba ngibike ukuthi uMntwana waKwaPhindangene ululama kahle ngaphansi kweso lodokotela. Odokotela bajabule ngesimo sakhe sempilo,” kusho uDkt Bhekuyise Buthelezi.
Sibheke ukuthi akhishwe esibhedlela ngesonto elizayo. Yize kusidumaza ukuthi usuku lwakhe lokuzalwa ngeke alugubhe KwaPhindangene ngeSonto, kodwa kuyasijabulisa ukuthi angase adedelwe esibhedlela ngesonto elizayo.”
UShenge wangeniswa esibhedlela ngenyanga eyedlule, eyolashelwa izinhlungu ebese zimphathe isikhathi eside.
Kudingeke ukuthi ahlale isikhathi esithe xaxa esibhedlela emva kokuthi kube khona okungahambanga kahle ekwelashweni kwakhe.
UBhekuyise uthe uMntwana uselulamile nakulokhu okungahambanga kahle ekwelashweni kwakhe.
“Sifisa ukubonga ithimba lodokotela elinakekele uMntwana ngalesi sikhathi esinzima. Sithanda nokubonga abantu abasabele ekhweleni lokuba banikeze uButhelezi isikhathi sokuthi aphumule nesokuthi alulame.
UMntwana ufisa nokubonga abantu abebekhulekela ukuthi alulame ngokushesha.”
Kule minyaka edlule usuku lokuzalwa kukaMntwana wakwaPhindangene lujwayele ukuba yinto enkulu kuye nakwabasondelene naye.
Ngonyaka owedlule kwethulwa inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iButhelezi Foundation, njengengxenye yemigubho yosuku lokuzalwa kwakhe.
Njengoba iSonto selisondele, abantu sebevele sebeqalile ukufisela uMntwana usuku oluhle lokuzalwa.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ungomunye wabantu abathumele izilokotho ezinhle kuShenge.
Esitatimendeni, uHlabisa uthe bafisa ukuthi uButhelezi aphile isikhathi eside.
“Shenge, njengoba uzofika esigabeni sempilo, sikufisela impilo enhle, ukuthula nenjabulo.”
UHlabisa ubonge uButhelezi ngeqhaza alibambile ekuthuthukiseni izwe.
“Ukuzinikela kwakho kwezemfundo kukhombise ukuthi ulikhathalele ikusasa lakuleli. Ukuzinikela kwakho kukwenze waba yisibonelo esihle. Sifisa ukuthi bonke abaholi kube khona abakufundayo kuwe.”