BADUMELE bengavalelwa esitokisini abayizihlobo ngemva kombango wokulahleka kweselula.
Kuthiwa isigameko siholele ekutheni umndeni wakwaNxumalo, ushiselwe imoto, negaraji, kwalinyazwa nempahla.
Elandisa ngomsindo umnikazi womuzi uNksz Bandile Nxumalo, uthe uthuthuva luqale emasontweni amabili edlule lapho izihlobo zakhe zisole indodana (15) yakhe, ngokweba iselula.
Echaza, uthi lokhu kwenzeke ngesikhathi bevakashele khona njengenjwayelo, wathi uma ebuya emsebenzini wathola umbiko wokuthi indodana yebe iselula.
“Ngiyibizile ngathi iselula uma iyithathile ayiyibuyise kodwa yalandula yathi ayiyithathanga,” kuchaza uNksz Nxumalo.
Uveza ukuthi ezinsukwini ezimbili ezilandele lokho, kufike amalungu omndeni, athatha izimpahla ezehlukene ezibiza imali emba eqolo, zalona abebemsola ngokweba.
Uqhube wathi akugcinanga lapho, bebuye bashawa ngamalungu omndeni weselula, phihliza phansi iselelula yakhe, wagcina esebikela amaphoyisa.
Uveza ukuthi kuphinde kwalinyazwa nempahla okubalwa ithelevishini, nenye impahla yasendlini.
Kwesakamuva isigameko, uthi bavuswe yintuthu ebiqhamuka egaragi, bathi uma beyobheka bathola ukuthi imoto isiyokheleke ngomlilo kanti ingxenye yegaraji nayo iyasha.
Uthi bawibhulile lomlilo, baphinde babika futhi emaphoyiseni.
“Athe ayile khona ngoLwesihlanu, afica ukuthi abasolwa ababili banezingane ezincane, athi anquma ukuthi abuye abuyele ngeSonto, abathatha, bafike bagingqa izithupha, aphinde ababuyisa,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe wona abachazele ngenqubomgomo kodwa bona bebefisa engabe babagqume esitokisini abasolwa ngoba abakhululekile njengoba bengaphandle.
“Ngithole umqhafazo othi bazobuya bazoshisa futhi emini ilanga libalele,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe lokhu kwenza bahlalele ovalweni ngoba abazi ukuthi yini enye ezolandela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseBishopstowe, aphenya amacala ahlanganisa elokushaya, nelokucekelwa phansi kwempahla. Athe ofake icala uthi washawa ngoSepthemba 25, ngabasolwa abaziwayo ababili.
“Abesifazane ababili abaneminyaka engu-20 no-23 baboshwa, babuye badedelwa ngesexwayiso, bayavela eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu,” kusho uLt Col Gwala.
Uqhube wathi ofake icala wathi ngo-Okthoba 3, ubelele nomndeni wakhe ngesikhathi bevuswa yintuthu iqhamuka egaraji, bathi uma bebheka baqaphela ukuthi usofa ubusha, igaraji, nophahla konakaliswe umlilo.
“Kulesi sehlakalo umsolwa akaziwa,” kusho uLt Col Gwala.
Ubuye wathi icala lokucekelwa phansi kwempahla liphenywa yiwo amaphoyisa aseBishopstowe, emva kwezinsolo zokokhelwa kwemoto.
“Kulimale isicabha somshayeli ne-fender.”
“Umsolwa (35) uboshiwe, wabuye wadedelwa ngesexwayiso, uyavela eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu,” kusho yena.