IMIYALEZO yenduduzo nothando abaluthola kubantu bakuleli nabasemazweni omhlaba selokhu kudlule emhlabeni inhloko yekhaya, yenza bazizwe bephakathi komhlane nembeleko abomndeni womsunguli we-IFP futhi obengundunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Lokhu kushiwo yindodana yalo mholi, uMntwana uZuzifa Buthelezi, ekhuluma enkonzweni yakhe yesikhumbuzo ebihlelwe yisikhungo semfundo ephakeme, iMangosuthu University of Technology ebisemagcekeni alesi sikhungo, izolo.
“Kusuka kwehle lomshophi, yinqwaba yemiyalezo yenduduzo siwumndeni esiyitholayo ivela kubantu abahlukene, okubalwa kubo omengameli bamazwe omhlaba, amaqembu ezepolitiki ahlukene abamabandla ezenkolo, amakhosi, womengameli esebathatha umhlalaphansi, amalungu ePhalamende nasemphakathini.
Zingu-17 izithunywa ezifike ngosuku olulodwa zivela ezindaweni ezehlukene,” usho kanje.
Uthe konke lokhu kukhombisa uhlobo lomholi uyise abeyilona kubantu kanjalo nasemndenini wakhe uqobo.
UShenge uchazwe njengobekhathelele kakhulu imfundo, okuholele ekutheni asungule lesi sikhungo ngo-1979, ngosizo lomndeni wezinjinga zakwa-Oppenheimer.
Iphini likaShansela kule nyuvesi, elethule inkulumo yokuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene uSolwazi Marcus Ramogale, lithe uShenge ubenombono wokuvala iminyango yejele, avule iminyango yemfundo.
“UShenge ubewumuntu okholelwa kakhulu kwezemfundo. Ukusungula kwakhe isikhungo semfundo ephakeme, ukwenze ukuvala iminyango yejele kubantu abasha, wavula amasango emfundo ukugwema ukuthi bangagcini sebephelela emajele,” usho kanje
Isitshudeni emkhakheni wezobuciko kule nyuvesi, uSibongakonke Ntombela sinikeze indodana kaShenge isithombe lapho sidwebe khona lo mholi, ukuthi asidlulisele emndenini.
Phakathi kwabanye abebehambele inkonzo wuSihlalo we-IFP uMnuz Thami Ntuli, ubuholi be-IFP Youth Brigade, izimeya, amakhansela, abefundisi, izitshudeni namalungu omphakathi.