KUSUKE esinamthambo ngoLwesihlanu esiShayamthetho KwaZulu-Natal ngenkathi kubhikishelwa ukuba khona kowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
UNdunankulu wakulesi sifundazwe uMnuz Sihle Zikalala ubethula inkulumo yakhe yokuqala abeyibhekise esifundazweni.
Amalungu eDA ne-EFF, abhikishile aphumela ngaphandle ecikwa wukuba khona kukaZuma ngendlela athe ayiqondakali.
I-DA ibuze kuSomlomo uNksz Nontembeko Boyce ukuthi uZuma ufunani ngoba akalona ilungu lesiShayamthetho.
Akuyena kuphela uZuma okusuke umsindo ngokuba khona kwakhe kodwa nokuba khona kukaMnuz Willies Mchunu owayengundunankulu wakulesi sifundazwe noMnuz Meshack Radebe, kudale imvunge.
Nakuba kwenzekile lokhu, kodwa i-IFP ayizange iphume.
Kuze kwaphoqeleka ukuthi uZikalala aqhubeke nokwethula inkulumo yakhe esephumile amanye amaqembu asebaliwe.
Enkulumeni yakhe, uZikalala ugqamise izinhlelo zikahulumeni zokuqeda udlame nezinxushunxushu kulesi sifundazwe.
“Lolu dweshu lwakamuva lokubulalana, ukuphanga, ukushiswa kwamaloli, ukuphazanyiswa kokusebenza kwamabhizinisi, nokushushumbiswa kwezidakamizwa, ngeke kubekezelelwe emphakathini ozimisele ngekusasa elihle,” kusho uZikalala.
Uthe lesi sifundazwe sinomlando obuhlungu esisuka kuwo.
NgokukaZikalala, le minyaka engu-25 elakuleli lathola ukubuswa ngentando yabantu, kwalinika ithuba elingcono lokuthi kube nokuthula noxolo kulesi sifundazwe.
Phakathi kwezinto azibalile athe kumele kubhekanwe nazo, ukuze kuliwe nodlame, ukulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa, ukubhekana nodlame lwasemakhaya, ukuhlukunyezwa kwabesifazane
nezingane nokukhulelwa kwezingane zamantombazane zisencane.
Ubale udaba lokubulawa kukathisha waseFolweni njengolunye oluhlasimulisa umzimba.
“Akekho phakathi kwethu owayeke acabange ukuthi ngelinye ilanga kungaze kubulawe uthisha phambi kwabafundi, kuze kubulawe nonogada,” echaza.
Uthe uhlelo iNational Development Plan, olubhekene nokuthuthukiswa kwengqalasizinda kuleli, luyefana neFreedom Charter ngoba kuhloswe ngalo ukuthuthukisa umphakathi.
Ugxeke nomasipala abangasebenzi ngokufanele abasebenzisa budedengu imali yomphakathi, njengalokhu kusanda kuphuma umbiko woMcwaningi mabhuku, uMnuz Kimi Makwetu.
Uthe ngokubambisana noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, bazobhekela ukuthi indlela yokusebenza komasipala kulesi sifundazwe, isebenza ngokuyikho. Uthe bazohambela omasipala abehlukene bezwe ngezidingo zabo.