ATHUKUTHELE avala umgwaqo ngemfucuza amalungu omphakathi aseZimbokodweni, ku-Ward 93 ngaphansi kukaMasipala weTheku izolo, ekhala ngokungahlinzekwa ngamanzi.
Lo mphakathi uthi sekuphele izinyanga ezintathu amanzi engaphumi kompompi.
Ilungu lomphakathi uMnuz Xulu Xulu, ekhuluma neSolezwe, uthe sebethembela emanzini abawakha efemini eseduze.
"Amaloli aletha amanzi ayafika, kodwa agcina ephelela emzini ethile. Amanzi esiwathola kule femu nawo awekho ezingeni eligculisayo lezempilo, " usho kanje.
Imizamo yokuthola ikhansela lendawo ayiphumelekanga njengoba ucingo lwalo belungangeni kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Elinye ilungu lomphakathi elizibize ngoKhwela elithe lisondelene nekhansela, litshele Isolezwe ukuthi ikhansela alithandi ukuphawula kwabezindaba ngalolu daba kwazise seludluliselwe ophikweni olubhekelele ukuhlinzekwa komphakathi ngamanzi.
Lisole abanye kule ndawo nokuphehla umphakathi elithe kunenhlese yezepolitiki.
Liqinisekise ukuthi akhona amathangi amanzi kodwa uXulu uveze ukuthi nawo abuye angafakwa amanzi nokuyinto ekhathaza kakhulu umphakathi.
Lo mphakathi uvala umgwaqo nje kunenkinga yamanzi ezindaweni eziningi eThekwini. Le nkinga emasontweni amabili edlule ibonakale idlulela ngesikhathi kunesiteleka sabasebenzi.
Ezindaweni eziningi imiphakathi ibizwakalisa ukungenami kwayo ngalesi simo sokweswela amanzi nogesi ngokuvala imigwaqo ishise amathayi.