BAFUNA kungenele uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, onogada abebeqaphe ezokuphepha esibhedlela iRK Khan, abangakawutholi umholo wabo kaJuni.
Izolo onogada ababalelwa ku-174 batshele Isolezwe ukuthi umqashi wabo iMafoko Security Patrols, akazange abaholele umholo wabo uma kuphela inyanga kanti akabanikanga nesizathu sokuthi kungani imali ingangenanga kuma-akhawunti abo.
UNksz Zandile Madikizela omunye wonogada uthe ithemba labo sebelibeke kuNksz Simelane ngoba abaphathi baseRK Khan babayalele ukuthi ngeke baqhinqe esibhedlela kodwa kumele baye ngaphandle uma benezikhalo ngamaholo.
“Besithi mhlawumbe kuzophela isonto elidlule sesiholile kodwa imali ayikangeni namanje. Sicela uNgqongqoshe wezeMpilo asilekelele ngoba umqashi wethu akasiniki isizathu sokuthi kungani engasiholeli. Siyayidinga le mali ngoba sondla ngayo imindeni yethu futhi siyarenta emiqashweni,” kusho uNksz Madikizela.
Amazwi akhe ananelwe nguNksz Nompumelelo Ndumo, oveze ukuthi omastende sebebaxoshile emiqashweni ngoba abarentile njengoba bengaholanga.
“Sicela ungqongqoshe aqinisekise ukuthi noma iyiphi inkampani engenayo iyasiqasha ngoba sesibadala alikho ithemba lokuthi kukhona lapho sizowuthola khona umsebenzi. Thina akukhona ukuthi besingafuni ukusebenza kodwa sigodle amandla emuva kokuthi umqashi wethu engasiholelanga futhi engasiniki nesizathu sokuthi kungani engasiholeli,” kuchaza uNksz Ndumo.
Abanye ozakwabo oNksz Tiny Zama Sithole noPhumla Ndabazandile bathe baxoshiwe lapho beqashe khona sebelala epaki njengoba iMafoko asebeyisebenzele iminyaka eyisithupha ingabaholelanga.
Ngesikhathi intatheli yeSolezwe ifika eRK Khan, isibhedlela besiqashwe wonogada abebephethe izibhamu ezinkulu belawula ezokuphepha.
Kuthintwa uMnuz Raymond Zwane okuthiwe nguye obhekele ezakwandabazabantu eMafoko Security Patrols, KwaZulu-Natal, utshele intatheli ukuthi ucela ithumele imibuzo kwi-email ngoba akanaso isiqiniseko sokuthi ukhuluma nentatheli yeSolezwe noma nomuntu ozimele nje emgwaqweni.
Intatheli iyithumelelile imibuzo kodwa akazange ayiphendule.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali uMnuz Ntokozo Maphisa uthe: "Umnyango ubikelwe ngalesi sigameko, wase wenza uhlelo oluphuthumayo lwesikhashana lokuba kuqhubeke ukugadwa kwesikhungo, abasebenzi kanye neziguli. Akulona iqiniso ukuthi inkampani ebigada lesikhungo ibingakhokhelwe, kepha yiyo eyaziyo ukuthi ibingabakhokhele ngani abasebenzi. Njengengxenye yokubuyisa uzinzo kulesi khungo, umnyango ube usuthatha isinqumo sokuyinqamula inkontileka yale nkampani, kanti umsebenzi wokuqokwa kwenkampani entsha ezokwenza lomsebenzi uyaqhubeka.”