BAKHATHAZEKILE abazali babafundi baseMthukutheli Primary, eMona, eNdwedwe, kulandela ingxabano phakathi kothisha abathathu nowesifazane ohlanza isikole njengoba labo thisha kuthiwa abasalubhadi esikoleni.
Kuthiwa lesi sigameko esishiye abafundi bakaGrade 5 kuya kuGrade-7 bengazifundi ezinye izifundo, senzeke ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule.
Umzali okhulume neSolezwe ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uthe ingxabano iqale ngesikhathi lona wesifazane ohlanza isikole onengane efundiswa ngomunye walabo thisha, efuna ukuba abuyise izitifiketi zokuzalwa zezingane zakhe.
Elandisa uthe, ngaleso sikhathi uthisha wayematasa efundisa wase ephendula lo wesifazane, wamtshela ukuthi uzozibuyisa uma eseqede ukufundisa.
Kuthiwa yilapho okusuke khona udweshu, lona wesifazane engafuni nokuyizwa leyo ethi yena izitifiketi zezingane zakhe uzifuna manje.
Kuvela ukuthi uthisha ungowesifazane usekhulile ngokweminyaka kanti lona wesifazane usemncane.
“Kuthiwa wavele wakhwela wadilika kuthisha ngenhlamba kubuka zonke izingane. Wabe esathe uyakhuza uthisha eveza nokuthi akuyona indlela okufanele ingabe balusingatha ngayo lolu daba, lo wesifazane wavele wangezwa mshini, walokhu eqhubeke njalo nokumchapha ngezinhlamba uthisha,” kusho umzali.
Uthe yilapho okuze kwangenelela khona abanye othisha besifazane ababili, bezama ukubhula umlilo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba lona wesifazane wavele wangenela nabo ngenhlamba.
Umzali uveze ukuthi othisha bahleli emakhaya nje yingoba asibanga khona isixazululo esibagculisayo esimayelana nalolu daba emihlanganweni emithathu obekukhona kuyo umhloli weSekethe obejutshwe yihhovisi lesifunda.
“Esikhala ngakho thina yimfundo yezingane zethu ezingasafundi ezinye izifundo ngenxa yalesi simo esiqhubekayo esikoleni. Yingakho sesicela ukungenelela komnyango ekuxazululweni kwalolu daba,” kuchaza umzali.
Ethintwa omunye walabo thisha ukuvezile ukuthi impela bahleli emakhaya. Uveze ukuthi ngendlela abangeneme ngayo, omunye wabo usecabanga nokwesula emsebenzini. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe benze konke okusemandleni ukuletha ukuthula kwabathintekayo.
“Esesizokwenza manje ngukubeka labo thisha icala lokungalaleli,” kusho uMahlambi.