KUSIZE ukungenelela kwejaji lalamula seyiqala ukuphakama imimoya esigcawini esiqondisa ubugwegwe uMengameli wezimantshi KwaZulu-Natal, ngoLwesithathu ekuseni.
Umsindo usuke ngesikhathi abameli beKhomishini yeziMantshi eqondisa ubugwegwe uMnuz Eric Nzimande, besola ummeli wakhe uMnuz Ravindra Maklilall ngokufihla imininingwane azogadla ngalo esigcawini.
Laba bameli basole uMaklilall “ngokubalalela unyendle” bathi sekwenzeke izikhawu lapho evele ahoshe amaphepha abangenawo, maqede ahlome imibuzo ufakazi wabo, uMnuz Johaness Meijer.
Lokhu kwenze usihlalo wesigcawu, iJaji uJeremiah Shongwe, wangenelela sekuqala ukuphakama imimoya.
UMaklilall ubekade eqeda nje ukudlulisela uMeijer amaphepha awahoshe emqingweni wakhe efuna awabuke bese ephendula imibuzo ethile.
Ukhuzile uShongwe wathi uyasiqonda isikhalazo esifakiwe, wase eyalela ukuba kulandelwe imigomo ekuyiyona yokwenza izinto esigcawini.
UNzimande usemiswe isikhathi esiyiminyaka emihlanu emsebenzini.
Usolwa ngokugwazisa ngemali nangocansi ababefuna izikhundla zokuba izimantshi okwesikhashana, ukugembula eCasino ngesikhathi somsebenzi nokushayela ucingo owayemangalelwe ecaleni owagcina ephume phambili.
UNzimande uwaphika wonke amacala angu-162 athweswe wona. Isigcawu siyaqhubeka enkantolo edingida amacala athinta imindeni ePhoyinti eThekwini.