IMAYINI i-Impala Platnum eseRusternburg izoba nenkonzo yesikhumbuzo yabavukuzi abangu-13 abashona kugqashuka ikhebuli elidonsa ikheshi elihambisa abavukuzi emgodini.
Lesi sibhicongo esidlule nemiphefumulo yabavukuzi abangu-11 abafe ujuqu ngoMsombuluko mhla ka-27 Novemba 2023, ababili bashona sebesesibhedlela.
“Kuyadabukisa ukuthi i i-Implats ibika isigameko esibucayi sezokuphepha okubandakanya intambo yomoya, kwenzeke namhlanje ntambama ohlangothini lwe-shaft 11 e-Impala Rustenburg esifundazweni iNorth West.
Ikhebuli eligqashukile yilona elidonsa ikheshi ehambisa abasebenzi emgodini, okuyindawo engamaleveli amathathu,” kusho isitatimende semayini ngemuva kwengozi.
Le mayini ibilokhu iqhubeke njalo ngokuthumela imibiko ngokusha okuvelayo mayelana nalesi sehlo njengoba ngoMsombuluko mhla ka 4 kwephezulu, ikhiphe isitatimende ngomvukuzi ka-13 ogcine enqotshwa wukufa esesibhedlela, yabuye yaveza ukuthi bangu-23 abavukuzi abadedelwe esibhedlela ngawo uMsombuluko.
NgoLwesithathu, le mayini ikhiphe uhlu lwamagama abavukuzi abadlulile emhlabeni njengoba kulungiselwa inkonzo yesikhumbuzo, ezoba senkundleni yezemidlalo ekuShaft 2 ehostela iSimunye kuyo le mayini.
Uhlu lolu luveza ukuthi bayisishiyagalombili abavukuzi badabuka esifundazweni i-Eastern Cape, bathathu abaseLesotho, uyedwa owaseRustenburg, omunye osenonyaka esebenza kule mayini ungowaseGauteng.