BATHOLE izeluleko ngezamabhizinisi nangendlela yokuziphatha emakhaya abesifazane abebehambele umcimbi iHigh Tea noLady D ngoMgqibelo, e-ICC eThekwini. Izeluleko bazithole kosomabhizinisi asebephumelele emikhakheni ehlukahlukene.
Abebeyizikhulumi kulo mcimbi obuhlelwe uLady D kanye nomsakazo uKhozi FM kubalwa umengameli weqembu eligijima kwiDStv Premiership, iRoyal AM, uShauwn Mkhize odume ngelika ‘MaMkhize’, umnikazi wenkampani yabangcwabi iCebolethu, uNksz Nomfundo Mcoyi, umnikazi wegaragi likaphethiloli i-BP elikuMoore Road uDkt Thandi Ngxongo kanye noDkt Nomcebo Mthembu onengosi ekhuluma ngezocansi kuKhozi FM.
Ekhuluma kulo mcimbi uMaMkhize uthe abantu besifazane abangalilahli ithemba.
“Ngisaqala ukungena emabhizinisini ngangingenayo imali futhi kwake kwaba nesikhathi lapho enganginezikweletu negama lami selilibi kwababolekisa ngemali kodwa ngoba ngase ngizitshelile ukuthi ngifuna ukuphumelela ngibe nomuzi omkhulu ngifeze nawo wonke amaphupho amahle, angizange ngiwe bese ngiyakhohlwa ngamaphupho ami kodwa ngavuka ngazithatha,” kusho uMamMkhize.
Ekhuluma ngobunzima bokuba owesifazane kwezamabhizinisi uNksz Mcoyi uthe kunzima ukulalelwa nokuhlonishwa njengosomabhizinisi wesifazane.
“Kunzima ukuzakhela igama elihloniphekile emkhakheni wamabhizinisi kodwa asingayi ukuqhudelana nabesilisa kodwa asiyele ukuyokwenza umsebenzi wethu ngendlela efanele. Umsebenzi wakho iwona ozokukhulumela,” kusho uMcoyi.
UDkt Thandi Ngxongo uthe uhambo lwakhe esaqala belunezingqinamba eziningi kodwa kwamsiza ukuthi abe nozakwabo abamesekayo njengoNksz Mcoyi, owamfukamela emgqugquzela.
“Kubalulekile ukuthi sibe nomqondo wokuphumelela njengabantu besifazane futhi sigqugquzelane,” kusho uDkt Ngxongo.
UDkt Mthembu uthe abesifazane abazinake futhi bazithande ngaso sonke isikhathi ikakhulukazi ebudlelwaneni babo emakhaya ngoba lokho kunomthelela ekuzethembeni kwabo jikelele.
Echaza ngombono weHigh Tea, uLady D, uthe ngesikhathi umphathi wesiteshi uNksz Sbongi Ngcobo ebaphonsela inselelo yokuqhamuka nohlelo oluzokhulumisa abantu, wajuluka waba manzi ngenxa yovalo.
Uthe yilapho okwazalwa khona uhlelo iTea Time oluhambisana nomcimbi i-High Tea. Lo mcimbi waqala ngonyaka odlule futhi ubunezihambeli ebeziswenke ziconsa ezingaphezu kuka-800.
UNksz Sbongi Ngcobo uthe kuyintokozo ukusebenza noLady D ngoba uyawuthanda umsebenzi wakhe futhi lo mcimbi ube yimpumelelo ngenxa yokuthi ungumsakazi oseqophelweni eliphezulu ophinde athandwe izwe lonke jikelele.