ATHEMBISANE ukukhiphana inkani okhethweni oluzayo amalungu e-ANC naweMK enqwamana eNkantolo eNkulu eThekwini.
Kugqame kakhulu ukuklolodelana phakathi kwamalungu alamaqembu abecula ngaphandle kwenkantolo lapho bekulalelwe isicelo esifakwe i-ANC, esola iMK ngokuntshontsha uphawu negama lombutho wezempi wayo owawubizwa ngoMkhonto weSizwe.
Amalungu alamaqembu abelokhu ekhumbuzana ukuthi ‘angawandawonye’, ngesikhathi elokhu echomelana.
Umculo ubusho phezulu ngaphandle kwenkantolo.
Womabili amaqembu abehlele imicimbi lapho abaholi bekhulume khona nabalandeli.
Amalungu e-ANC abeholwa uNobhala Jikelele, uMnuz Fikile Mbalula, nobuholi baKwaZulu-Natal.
AbeMK bona bebeholwa owayengumengameli, uJacob Zuma. Abaholi bebelokhu bexoxa, bejabulelana.
Enkantolo abameli be-ANC bathe ukuvela kweMK ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho kungadida abantu, abangazitshela ukuthi ihlobene ne-ANC njengoba umbutho wezempi kwi-ANC wawubizwa ngoMkhonto weSizwe.
Ummeli we-ANC, u-Advocate Gavin Marriott, uthe iMK izama ukukotela nge-ANC.
"Bafuna abantu bazitshele ukuthi bahlobene ne-ANC ukuze nezothola amavoti anele ukuthi bathola izihlalo ePhalamende. Inhloso yabo ileyo."
UMarriott uthe i-ANC isikuthola kunzima ngisho ukusebenzisa uphawu lwayo olunomkhonto ngoba kuzokuba sengathi idumisa iMK.
Abameli beMK bathe uphawu lweMK nolophiko lwempi kwi-ANC azifani.
Bathe umkhonto ophawini lweMK ukhombe ngenhla kwesinqa kanti kwelophiko lwezempi kwi-ANC ukhombe ekhanda.
Ummeli weMk, u-Advocate Dali Mpofu uthe igama nophawu lweMK akusikho olwe-ANC.
Uthe lolu phawu lwabhaliswa phansi yinhlangano engenzi nzuzo, iLegacy Project.
"Emva kokuthi iMK isingenele ukhetho, i-ANC yagijima yayothenga uphawu ngesamba esingadalulwanga. ILegacy Project yabhalisa uphawu eminyakeni eyishumi eyedlule.
I-ANC ayizange yenze lutho ngalokho, iqale ukusukuma uma iMK isingenela ukhetho. Inhloso enkulu ukuphazamisa umkhankaso weMK."
Ngaphandle kwenkantolo uZuma utshele amalungu eMK ukuthi bazowunqoba lombango wezomthetho njengoba benzile nasecaleni ebeliseNkantolo yezoKhetho.
UZuma uthe abameli be-ANC bafike bakhuluma into engezwakali enkantolo, wathi kusale kancane ukuthi ijaji libahleke.
Uthe balungiselela ukunqoba ngamalengiso ukhetho oluzayo, wabafanisa namagwala labo abangezukuyivotela iMK.
“Lawo amagwala asaba abelungu, bathi basaba ukuthi abelungu baphatha izibhamu.”
UZuma wenze izinsolo zokuthi kunetulo lokukhwabanisa amavoti okhethweni oluzayo.
Uthe bathole ulwazi lokuthi amavoti azokhwatshaniswa ngosuku okuzokube kuvotwa ngalo, labo abavota ngokukhethekile.
Unxuse amalungu eMK ukuba aqaphele kakhulu ngalolo suku, waphinde wathi ukuvota angeke kube imfihlo uma sekuphethe iMK.
UNobhala -Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula ubuze ukuthi uZuma uzolunqoba kanjani ukhetho lukazwelonke ekubeni esahlulwa ukunqoba ngakubo.
UMasipala waseNkandla noWard 14, lapho kwakhe khona uZuma, baphethwe yi-IFP.
"Kukhona abahamba bethi bazonqoba ukhetho ngokubili kokuthathu. Uzolunqoba kanjani ukhetho esahlulwa i-IFP?"
UMbalula uthe i-ANC ihambe ibizwa ngamasela nje kungenxa kaZuma kanye nabanye asebejoyine iMK athe bashiya i-ANC negama elibi.
UMbalula uthe abanankinga noZuma, wathi bona bavikela ifa le-ANC.
"Kungani inhlangano yakhe engayiqambi ngegama lakhe? Uma kuwukuthi igama lakhe liyahlonishwa emphakathini, kufanele engasabi ukuqamba inhlangano yakhe ngegama lakhe."
UMbalula uthe angeke basidlulisele phambili isinqumo senkantolo yezoKhetho, esichithe isicelo sabo sokuba kukhishwe iMK ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho.
"Thina siyazihlonipha izinqumo zenkantolo. Uma sihluliwe ngeke usizwe silokhu sisabisa ngokususa udlame njengoba kade kwenza abanye. Into esesizoyilwela manje ukunqoba ukhetho."
Isinqumo sigodliwe.