BALUSHAYELA ihlombe ababukeli uhlelo lukaFaith Nketsi Njilo, iHave Faith oludlala kwiMTV oluqukethe konke ngempilo yakhe. UFaith yize engaqali kulo nyaka ukuba nalolu hlelo, kodwa abantu balukhipha phambili ngokwehluka, okuveza izinto eziyiqiniso ngokwenzeka empilweni yakhe. Lokhu kuhlanganisa ezothando, ibhizinisi, umndeni nabangani nobuyena uqobo.
"Lolu hlelo lufanelwe yindondo ngokuba sezingeni elicokeme oluneqiniso," kusho u-Elwi Tsepi.
"Ngiyamncoma uFaith ngokusinikeza uhlelo olusha ngaye, lwangempela olumnandi neqiniso," kusho uPuleng.
"Nansi into engiyikhokhelela iDStv uhlelo oluqukethe engikufunayo," kusho uMimi.
Ngaphandle kukaFaith abaningi bakhala nangothando lukanina olokhu evela eziqeshini eziningi emeseka kukhona konke akwenzayo. UFaith unconywa nje yena nomyeni wakhe, uNzuzo Njilo, basanda kuthola ingane yentombazane, uSky okungenye yezinto abantu abalokhu bebabongele njalo ngayo.
UFaith usanda kubhala ekhasini lakhe le-Insragram ebonga umyeni wakhe ngokuba qotho. Lo mbhalo ubuchaza uNjilo ngokuthi ungumyeni onothando, onakekelayo olokhu emeseke njalo ngezinto eziningi. Abantu balokhu bembongele ngokuthola uthando lweqiniso nendoda ethembekile.