AKHUMELENE umlotha amaciko kamaskandi abeseyinkukhu nempaka, uThuthani Ndlovu ongunjiniya noMdumazi "IgezaLendalo" Mhlongo emuva kokungahoshelani isikhathi eside bebanga intombi. Ukungazwani kwabo kwaze kwenza uMdumazi wangabe esaqopha eTakk Studio lapho uThuthani engunjiniya khona.
Umbhuli walo mlilo nokunguyena ohlanganise lezi zinsizwa, uSmomoza Mkhize uthe kubalulekile ukuthi amaciko ehlale ebumbene ukuze umculo kamaskandi ukhule.
“Ngiyilwe kakhulu le ndaba kaThuthani noMdumazi, baningi futhi abantu abayilwile kubalwa namakhosi, kodwa mina bengilokhu ngiyilwa noma abanye sebadikibala kodwa ngilwe kwaze kwafika namhlanje ngoba sengigcine ngiyinqobile, hhayi ngamandla kodwa ngoThixo,” kusho uSmomoza.
UMdumazi uthe bakuqondile ukubaluleka kokuthi bakhumelane umlotha njengoba ingxabano yabo ibithinta nabantu abaseceleni, waphinde waqinisekisa nokuthi kusuka manje umsebenzi wakhe usuzoqoshelwa eTakk Studio.
“Sesihambe saze safika oxolweni ngokuyikhuluma le nto ngoba siyazi ukuthi iyasithinta yaze yathinta nabantu ababengahlangene nayo. Ngithi asixolise kubona bonke abantu abathinteka, bathinteka kabi kanye nakubalandeli bakamaskandi. Njengamanje sesize safika lapho sithi asehlele ngezansi ngoba ayizuzisi muntu le nto, ngingakusho futhi ukuthi isandla sikaGatsheni sesizoba khona emsebenzini wami,” Kuchaza uMdumazi.
UThuthani uthe uyalwamukela uxolo oluvela kuMdumazi njengoba ekhombise ukuzehlisa.
“Njengomuntu omdala ngibonile ukuthi akungisizi ngalutho ukubamba amagqubu yingakho kuthe uma efika kimi uMdumazi ezocela uxolo ngalwamukela ngenhliziyo emhlophe, sizoqhubeka sisebenzisane ngendlela esasivele sisebenza ngayo nomfo kaMhlongo, sizophinde siphile ngendlela esasiphila ngayo