KUQALWE uphenyo olunzulu lwangaphakathi embuthweni wamaphoyisa ukuze kutholakale ukuthi zebiwe kanjani izibhamu esiteshini samaphoyisa.
Lokhu kulandela isigameko esenzeke ngoMsombuluko sokwebiwa kwezibhamu esiteshini samaphoyisa sasePetrusville, eNorthen Cape.
Kuboshwe abasolwa abathathu babekwa icala lokutholakala nezibhamu.
Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele eziNkantolo zeziMantshi ezehlukene okungeyaseSenekal, ePetrusville naseMarquand eNorthern Cape namuhla.
Kusolakala ukuthi bashaye bachitha nesibhamu esikhulu samaphoyisa i-R5 nezincane ezintathu okukhona neZ88 nezinhlamvu ezingu-27.
Okhulumela amaphoyisa aseNorthern Cape, uLieutenant Colonel Tebogo Thebe uthe sekujutshwe uphenyo lwangaphakathi embuthweni emuva kwalesi sigameko.
“Luyaqhubeka uphenyo esilwenzayo ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa ukuze kutholakale ukuthi yini eholele ebudedengwini obungaka,” kuchaza uThebe.
Ulandise wathi emuva kokuvela kwezindaba zokuthi sekukhona imikhono yekati enyamalele, amaphoyisa abe esephuma inqina eyithungatha kanye nabasolwa.
“Abasolwa batholakale emuva kokutholakala kolwazi ngabo. Amaphoyisa azithole zonke izibhamu ebezebiwe esiteshini samaphoyisa,” kusho uThebe ngoMgqibelo.
UThebe ulandise wathi abasolwa baboshwe ezindaweni ezehlukahlukene. Ababili uthe baboshwe endaweni esemgwaqweni uR70 phakathi kwaseSenekal naseRosendal.
Kule ndawo uthe bavundulule i-R5 nezinhlamvu ezingu-27.
UThebe uthe eminye imininingwane abayitholile ibaholele eMarquard lapho bebophe khona umsolwa kwashaqwa nezibhamu ezimbili neZ88 yamaphoyisa.
Uveze ukuthi yiphoyisa elalikade lizongena emsebenzini elaqaphela ukuthi kukhona okunuka santungwana ngesikhathi lishaya izibalo lihlanganisa umbiko ngaphambi kokuthi liqale ukusebenza.