OSOMABHIZINISI abancane baKwaNongoma bazishayele izandla izinsiza abazitholile zokuqhuba amabhizinisi abo abesevele beziqalele wona.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu, ngesikhathi iMeya yalo mkhandlu uMnuz Muziwendoda Ndabandaba, enikeza osomabhizinisi okukhona kubo omakhenikha, abawasha izimoto, abaqhuba izinqola ukuze bathuthele abanye izimpahla abazithengile kanjalo nabacwala izinwele izinsiza zokusebenza.
Ekhuluma neSolezwe, uMnuz Thembinkosi Khumalo, uthe umangele ethola lokhu njengoba yena engumakhenikha futhi kuzomsiza ukukhulisa ibhizinisi lakhe, njengoba kukhona akade eshoda ngakho.
“Ngiyabonga kakhulu kwesikutholile, uxhaso olufana nalolu besiludinga kakhulu mina nethimba lami, ngakho uMasipala wenze umsebenzi oncomekayo kakhulu. Besijwayele ukubona kuxhaswa osomabhizinisi abakhulu kuphela, kube ngathi thina lolu sizo asiludingi, kodwa manje sesibonile ukuthi nathi siyacatshangelwa, sengathi kungegcine ke manje nangelinye ilanga babuye bazosibheka futhi sikwazi ukuphinde sithuthuke,” kusho ukhumalo.
IMeya uNdabandaba ithe, yize labosomabhizinisi bangabukwa njengabantu abasathuthuka, kodwa uxhaso bayaludinga njengoba bondla imindeni yabo.
“Kumele nabo sibanike izinsiza ukuze umsebenzi wabo uqhubeke. Sikhethe ukuthi laba abathuthela abantu izimpahla la edolobheni besebenzisa izinqola, sibakhele ezintsha sha ezinkulu, ukuze kuthi kuphela usuku bebe benze imali enkundlwana kunale ekade beyijwayele. Okunye esikwenzile ukunika abafowethu laba abawasha izimoto izinsiza zokuthi baqhubeke nalokhu abakwenzayo la edolobheni. Ngelinye ilanga uma nje sibanika uxhaso futhi nabo bezimisele emabhizinisini abo, ayokhula adume emadolobheni esiwakhele,” kuchaza yena.