UKUNGENELELA kweSimangaliso Wetland Park ngokubambisana neWild Coast, kwehlise umthwalo wobunzima bempilo emphakathini waKwaDapha, eManguzi, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Lokhu kwenziwe wukwakhiwa kweKwaDapha Community Resource ngokuhlanganyela neSimangaliso Wetland Park ibambisene neWild Coast ngo-2020. UNksz Nomusa Mthembu weKwaDapha Community Resource Hub, uthe impilo ibinzima kakhulu emphakathini wangakubo ingakakhiwa le ndawo eyisizinda solwazi esingumahamba nendlwana.
“Ukwakhiwa kwalesi sikhungo kuwusize kakhulu umphakathi waKwaDapha, ikakhulu ngoba sakhiwe endaweni lapho kungenagesi khona, futhi nentuthuko ingabonwa.
“Ukwakhiwa kwaso kuholele ekuqashweni kwabantu abangu-40. Kuphinde kwaqokwa abawu-6 kubona, basizwa ukucija amakhono ehlukene ukuze baziphilise,” kuchaza uNksz Mthembu.
Eqhuba, uthe lesi sikhungo siwusizo olukhulu ngokuthi silekelela intsha engasebenzi ukuthi ikwazi ukufaka izicelo zomsebenzi nokunye okuhambisana nalokho.
“Kulesi sikhungo sinomtapo wolwazi osiza izingane ngolwazi lwemfundo eziludingayo. Okunye futhi ngokusizwa yiSimangaliso neWild Coast, akusizakalanga abantu abasha kuphela kodwa kwenziwe nezinhlelo eziwusizo kubantu abadala emphakathini wangakithi.
“Siphinde sasiza nomamaabathanda ukuthunga, bathengelwa imishini yokuthunga, baphinde bacijwa ngolwazi lokuthunga ukuze bakwazi ukuziphilisa,” kusho yena.
Uthe baphinde bacija intsha enekhono lokudweba ngokuyinika ithuba lokudweba eminye yemidwebo okuhlotshiswe ngayo isikhungo, bangagcina lapho, baqasha abantu abasha abawu-15 njalo ngonyaka ukusebenza kulesi sikhungo.
Omunye wabasizwe yizinhlelo zentuthuko ezenziwa yiSimangaliso, uMnuz Victor Ngubane we-Ukuthula Adventures, uthe uswele amazwi okubonga ngokwenziwe yiSimangaliso neWild Coast kuyena.
“Bangisize kakhulu ukulungisa indawo yami yezokuvakasha Ukuthula Adventures engayiqala ngo-2001. Bangilekelele ukuyenza yaba sesimeniesihle sokwamukela izivakashi ezizothelekela lapha njengoba kuzaamaholidi kaDisemba. Kumanje, sengivele ngikuvivele ukwamukela zonke izivakashi ezizoza ukuzothokomala kuyona, futhi angikungabazi ukuthi zizophatheka kahle,” kusho uNgubane.