ABALANDELI bebhola babhuqe isilomo se-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, ngemali yemiklomelo esisanda kuyinqoba bethi yiyona ezokhokhela inhlawulo yasenkantolo. ULorch oteketiswa ngelikaNyoso, ugwetshwe iminyaka emithathu, yabe isilengiswa iminyaka emihlanu, wadliwa nenhlawulo kaR 100 000.
Ngaphezu kwalokho, inkantolo inqume ukuthi uLorch akakulungele ukuba nemvume yokuphatha isibhamu esisemthethweni ngoba usevele njengomuntu onodlame.
ULorch ubengaphandle ngebheyili kaR2 000 ayithola kade eboshwe ngo-2020 emuva kwesigameko. Ubevele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg lapho bekuyokhishwa khona isigwebo emuva kokuthi kuhlehliswe izikhawu.
ULorch walahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza owayeyintombi yakhe uNksz Fundiswa Mathithibala, emuva kokuthi bebe nengxabano ngo-2020. Kuthiwa ingxabano yaqubuka emuva kokuthi uLorch kade ephume ngemoto, intombi yakhe isiyidinga yamshayela ucingo ithi akabuye.
Kuvela ukuthi wabuya esecasukile bafika baxabana wagcina eyishaya kabuhlungu intombi phambi komngani wakhe, yabika emaphoyiseni.
ULorch ugwetshwa nje, ubesanda kuthola imali enguR100 000 okuwumklomelo womdali ovelele. ULorch wathola lesi sizumbulu emuva kokuvotelwa abalandeli njengomdlali ovelele behlula iCape Town Spurs emdlalweni weCarling Knockout Cup.
Abalandeli ezinkundleni zokuxhumana, bathe kuqondane kahle impela ngoba uLorch usanda kuhlabana ngawo uR100 000, sekuyoba lula useyothatha wona akhokhe ngawo inhlawulo
Ekhasini leFacebook elithi Orlando Pirates Till We Die, udaba lukaLorch beluyindaba egudwini. Abalandeli beBhakabhaka bephawula bejabula ukuthi udaba luphothuliwe.
UNtsika Mpukane uthe basiza bavotela uLorch ukuthi ahlabane ngemali isiyamisa manje.
“ICarling ifike ngesikhathi esikahle impela, samsiza umfana kodwa manje usesikweleta amagoli, wukulekelela abanye bawashaye sithole nezindebe,’’ kusho uMpukane.
USamule Ketsise uthe bayabonga ngoba umdlali wabo usedlulile esiwombeni esibi usezobhekana nomsebenzi wakhe manje.
Baqhubekile nabanye kwezinye izinkundla bekhuluma ngawo lo mklomelo. Ngesikhathi uLorch elahlwa yicala, iqembu lakhe iPirates, lakhipha isitatimende ithi uzohamba izinhlelo zangaphakathi zokumsiza.