UBHODLA umlilo umndeni wasebukhosini besizwe samaHlubi eBuhlebomzinyathi, eMadadeni, ngesihlobo okuthiwa sizibiza ngenkosi yesizwe eyabekwa esihlalweni umholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni, uNyazilwezulu.
Okhulumela indlunkulu yobukhosi bakwaRadebe, uMnuz uMelusi Radebe, uthe isenzo sikaMnuz S’manga Radebe oyisihlobo somndeni esingazalwa ngaphansi kwendlu yobukhosi okuvele ukuthi kunamakholwa ethempelini asemkhothamela njengenkosi, siyaphazamisa kakhulu futhi kubukeka sidala ukudideka esizweni.
“Besilokhu sizwa ukuthi uzibiza ngenkosi futhi uthi kulesi sihlalo akuso wabekwa wuNyazi. Kusenze sadideka thina singumndeni ukuthi kusukela nini uNyazi lubeka amakhosi ngoba esikwaziyo wukuthi lubusisa amakhosi, lokhu siyakweshwama. Uhambe esho lokhu nje, isihlalo sisafudunyezwe wuNdlunkulu uBalungile Radebe umkankosi ekhothame ngo-2012, uBandile, njengoba ofanele ukuhlala esihlalweni esemncane ebengakakulungeli ukuhlala kusona,” kusho uRadebe.
Uthe yize bese kunesikhathi lolu daba lufinyelela ezindlebeni zabo bengumndeni kodwa okwenze bavula amehlo kakhulu yingesikhathi bethola ukuthi ibandla limbathise ngezingubo zokulala, lamnikeza nesiklabhu njengoba lithi uyinkosi yesizwe ephakanyiselwe esihlalweni.
Ngonyaka odlule, umndeni uthe ubhale incwadi (Isolezwe elinayo ikhophi yayo), uyiqondise ebandleni lamaNazaretha lapho kukhonza khona uRadebe (uS’manga), uziqhelisa kozibiza ngenkosi.
Ethintwa yiSolezwe ngoLwesihlanu, uRadebe (S’manga) uphikile ukuthi uhamba ethi wabekwa wuNyazi njengokusho komndeni kodwa wakuveza ukuthi bakhona abamkhothamela njengenkosi ebandleni yize lokhu engakunaki futhi engagqoki nezivatho ezigqokwa ngamakhosi, egqoka njengekholwa elijwayelekile.
“Isono sami wukuthi ngikhonza eNazaretha. Angifuni kuthathwe uNyazi lufakwe ezindabeni olungahlangene nazo. Angikaze ngithi ngabekwa yilona esihlalweni, alubeki makhosi futhi angihambe ngizibiza ngenkosi kodwa ngeke ngilawule abantu ukuthi bangibize kanjani. Lolu daba luzoxova umndeni nebandla lwakwaShembe engikholelwa ukuthi luyangiphilisa. Ngicela ungalushicileli nami ngize ngihlangane nabathile ubuyele kimi ngeSonto (esho izolo) ukuze ngiphawule ngento ephelele,” usho kanje.
Elandisa ngomsuka wokubizwa ngenkosi, uthe emva kokukhothama kwenkosi, baphakanyiswe eminyakeni eyishumi eyedlule umuntu omdala umkhulu kwaRadebe oshone nyakenye, futhi wababeka babaningi. Akaphumelanga obala ekutheni uma njengoba eveza ukuthi baphakanyiswe baba baningi pho kuzokwazeka kanjani ukuthi ubani ozoba yinkosi.
“Mfowethu ubukhosi bakaRadebe akusiyona le nto abantu abayicabangayo. Yingakho ngithi ningashicileli lutho okwamanje,”
Ethintwa izolo, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
USihlalo weNdlu yamaKhosi kuMasipala waseMajuba, inkosi uSiphamandla Khumalo, ukuqinisekisile ukuthi udaba lothile ozibiza ngenkosi lufinyelele ezindlebeni zabo.
“Inkosi iyazalwa, ayivotelwa. Lena yenye yezinkinga esibhekene nazo ngaphansi kwalo masipala, yabantu abazibiza ngamakhosi. Uma kwenzeka into enjalo siyaye sihambise uhlu olushicilelwe wuMnyango wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu, oluvezayo amagama amakhosi wonke akhona ngaphansi kukamasipala. Nakhona kwaRadebe sazi uNdlunkulu uBalungile oyibamba-bukhosi ovelayo kulolu hlu, akekho umuntu owuS’manga” usho kanje.
UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela amaNazaretha aseBuhleni uthe: “UNyazi alubeki amakhosi, olukwenzayo wukubusisa abantu uma bezicela izibusiso futhi uma umuntu efika uyasho aze ngakho bese luthi inkosi ikubusise.”
Okhulumela umnyango uMnuz Sboniso Mngadi, uthe ukubekwa nokwehliswa kwamakhosi kunemigudu yakhona ebekwe wumnyango elandelwayo, ngakho ukuzibiza ngenkosi ungesiyona ngokoMthethosisekelo, kuyicala.