BAKHALELA ukuhlinzekwa ngezokuthutha zamahhala wuMasipala waseThekwini ukuyotshala umsunguli we-IFP, umntwana uMangosuthu Buthelezi, abahlali basehostela KwaMashu abangabalandeli baleli qembu. Laba bavuke umbhejazane bavala umgwaqo odlula ngakuleli hostela ngamathayi nangemfucuza.
Umndeni wakwaButhelezi uqinisekise ukuthi lo mholi uzotshalwa ngoMgqibelo, kanti okukholakala ukuthi bangabalandeli namalungu e-IFP abahlala kuleli hostela bathi bafuna kwenziwe imizamo kukhishwe amabhasi amahhala ukuze babe yingxenye yokutshalwa kwakhe njengoba efana noyise kubona.
UMnuz Nathi Biyela ozibize ngomxhumanisi wamakomiti kuleli hostela, uthe ngoLwesibili bewubuholi kuleli hostela babizelwe emhlanganweni ngabantu abahlala kulona bebazisa ngentshisekelo yabo yokuhambela inkonzo yokutshalwa kukaMntwana waKwaPhindangene.
“Silalele izikhalo zabantu ezehlukene njengoba iningi labo alisebenzi, kodwa bayafisa ukuyofihla umholi wabo ofana njengoyise uma kubhekwa iqhaza alibambile esizweni saKwaZulu naseqenjini i-IFP. Namhlanje ekuseni (esho izolo), sivuke ngezindaba zokuthi abahlali bavuke bavala umgwaqo kodwa njengobuholi sazama ukuxoxisana nabo ukuze kungalimali ingqalasizinda,” usho kanje.
Uthe baxhumanile neMeya uMnuz Mxolisi Kaunda, kodwa akazange afike ukuzozwa okufunwa abantu. Uthe udaba baludlulisele ebuholini be-IFP, obuthembise ukuthi udaba lwabo luzoba ngezinye ezizodingidwa emhlanganweni weqembu wokuhlela ukutshalwa kukaMntwana uButhelezi izolo.
Ikhansela kuleli hostela uMnuz Mzwethu Gwala ngesikhathi ethintwa, uthe okwenziwe abahlali kuleli hostela kuyathusa.
“Uma kushoniwe awukwazi ukukhalela ukuthuthwa uyokhala, kodwa uwena owenza imizamo yokufinyelela emthunweni ukhalisane nomndeni olahlekelwe. Esikukhulumayo nesikucele kuhulumeni wesifundazwe njengabaholi ukuthi kuhlelwe amabhasi azothatha amabutho ezindaweni ezehlukene ngoba uMntwana ubenguNdunankulu kaZulu,” usho kanje.
USihlalo wenhlangano Ubunye BamaHostela uMnuz Vusi Zweni, uthe bayaziqhelelanisa nesenzo sokuvalwa komgwaqo njengenhlangano, wathi akukho abatshelwe khona.