ABAHLALA koLindela eSiphingo bavuke bavala thaqa umgwaqo befuna iMeya yeTheku izobachazela ngokumiswa kohlelo lokufakwa kwabo ezindlini ezintsha.
Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto, abagibeli bezithuthi zomphakahi behla kude balubasha ngonyawo.
Kuze kwafika amaphoyisa ahlakaza abantu abebengagayelwa mphako, asusa nobekade kuvalwe ngako emgwaqweni okungamathayi avuthayo, imfucuza namatshe.
Laba bantu basola oyinhloko ophikweni lokuHlaliswa kwaBantu emkhandlwini ukuthi usefuna ukunikeza abantu abathandwa uyena izindlu okwase kugunyaziwe ukuthi uma sezakhiwe zaqedwa abahlala koLindela kule ndawo bazozithola.
Basola umasipala ngokugudluka esifungweni owasenza kufike uNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu kuleli, uNksz Mamoloko Kubayi kule ndawo sokuthi nsukuzonke bawu-30 abantu abazofakwa ezindlini ezintsha.
UMnuz Thami Danisa ungomunye wasebehlale iminyaka engu-13 kule ndawo. Uthe abahlanyi emakhanda, bebengeke basuke bayovala umgwaqo kungonakele lutho.
UDanisa usole abakwamasipala ngokuthi sebefuna ukukhwabanisa izindlu okumele banikezwe zona.
“Asihlanyi, sibhikisha ngoba sidiniwe. Sesihlale iminyaka. Izingane zethu zizalelwa lana. Izingane ziyangibuza ukuthi kanti umndeni wethu uya nini ezindlini ezintsha kwafakwa abanye thina sashiywa ngaphandle,” kuchaza uDanisa.
UNksz Zamile Sosibo uthe impilo yabo isengcupheni ngoba basele dengwane, abebehlala nabo sebefudukele ezindlini ezintsha kwadilizwa oLindela babo.
Uqhube wathi bafuna iMeya yeTheku uMnz Mxolisi Kaunda izobachazela ngohlelo okuthiwa luqaliwe lokubhekwa kohlu lwabantu okumele bahlomule ngezindlu.
“OLindela bethu basele ngabodwa ekubeni indawo esihlala kuyona izungezwe ihlathi. Sisola ukuthi izindlu zethu bafuna ukuzinikeza abanye abantu babo. UKaunda akazosichazea ukuthi yini lena ephenywayo manje,” kubalisa uNksz Sosibo.
Omunye wabahlali ongathandanga kudalulwe igama lakhe hleze angahlomuli ngendlu, uthe baneminyaka engu-13 bafika kule ndawo.
“Sasisuka ezindaweni eziyimijondolo, kwathiwa asizoquba lana ngoba kwenzelwa iNdebe yoMhlaba ngo-2010. Manje uma sekumele singene ezindlini zethu kuyathalaliswa,” kuchaza umhlali.
Izindlu ezintsha abazifunayo abahlali zakhiwa bude buduze nale ndawo engoLindela eSiphingo.
Inhloko yoPhiko lwezokuXhumana eThekwini, uNkk Lindiwe Khuzwayo ithe umkhandlu uluqale ngoJuni 28 uhlelo lokufakwa kwemindeni emakhaya awo amasha.
Uchaze umbhikisho wakamuva wathi ugqugquzelwe yizigilamkhuba ezizama ukungena kulezi zindlu ngendlela engekho emthethweni.
"Umkhandlu uluqinisile uhlelo lwawo lokuhlola ukuthi abantu esibafaka kulezi zindlu yibo kanye. Kunonogada otshalwe ukuba abheke ukuthi akekho umuntu ongena kulezi zindlu ngokungemthetho njengoba sekukaningi bezama," kuchaza uNkk Khuzwayo.
Uthe emindenini engu-360 okumele ihlomule ngezindlu, sebefake engu-202 futhi uhlelo luyaqhubeka.