UNGABAMBELELI ekutheni wena ufundeleni noma kungasakusebenzeli, vuleleka uzame eminye imikhakha ezokusebenzela.
Lokhu kushiwo ummeli uNkk Zama Mkosi ngesikhathi ekhuluma esithangamini esihlelelwe ukuthuthukisa amakhono ebhizinisi kwabesifazane esiyingxenye yombukiso wamabhizinisi esihlelwe uMasipala weTheku, iDurban Business Fair, ebise-International Convention Centre (ICC), izolo.
UNkk Mkosi uthe uma ubona ukuthi umsebenzi owenzayo noma ibhizinsi olenzayo alisakuphilisi shintsha wenze okunye ngoba kuhlale kunelinye ithuba elikhona.
Uthe yena ubewummeli obhekele izinto ezithinta amaciko kodwa kuthe uma kufika iCovid-19 washayeka ngoba amaciko abengasebenzi, waqala elinye ibhizinisi lokufundisa ngomthetho nge-internet.
" Ngathatha ifoni ngizidlalela ngaqopha inkulumo ngafaka ezinkundleni zokuxhumana. Ngiqhubekile ngilokhu ngikwenza kwaba ukuqala kwengxenye efundisa ngezomthetho," kusho yena.
UNkk Indrani Govender ongumsunguli wenkampani iRicniz Construction, obeluleka abesifazane kulesi sithangami, uthe ibhizinisi ungaliqala noma ngabe uneminyaka emingaki futhi libe impumelelo, uma uzimisele ukufunda uthole ulwazi.
" Ngiqale ibhizinisi ngineminyaka ewu-47, kunesikhathi lapho ngangihlekwa khona kuthiwa ngazini ngokwakha ngiwumuntu wesifazane. Akungiphathanga kabi lokho ngoba ngempela nganginenalo ulwazi kunalokho kwanginika ugqozi lokuthi ngifunde okwangenza ngakhula emsebenzini wami. Ngigcine ngifaka uphiko lukagesi, olokunakekelwa kwezakhiwo, nolwezinsiza zokuxhumana," kusho uNkk Govender.
Uthe akusho ukuthi azikho izinselelo endleleni futhi ziningi kangangoba yena wafaka izicelo zomsebenzi ezingu-36 echithwa waze wathola umsebenzi esefaka okwesi-37.
U-Amanda Dlamini oke waba ngukapteni weBanyana Banyana, uthe kubalulekile ukuthi uma usemkhakheni ongena kuwo ngekhono lakho, ufunde ukuze ukwazi ukuthi uma sekufike isikhathi somhlalaphansi ukwazi ukuphila ngemfundo yakho.
"Ngikhuliswe umama obengayingeni indaba yomuntu ongafundile, ngaleso sikhathi bengingaboni ngoba bengicabanga ukuthi kuyangibambezela ukufunda ngoba kumele ngiyojima. Ngokuhamba kwesikhathi ngibonile ukuthi umama uyangisiza ngoba kuthe uma sekufike isikhathi sokuthatha umhlalaphansi ngakwazi ukusebenzisa igama lami ukuze ngenze eminye imisebenzi ethinta ibhola noma ngabe ngingasadlali. Nakho lokho kubuye kwaphazamiseka ngesikhathi seCovid-19 kwadingeka ukuthi ngiqale elinye ibhizinisi ngenza izikibha ezibhaliwe," kusho yena.