UMSEBENZI kaMasipala weTheku osewathatha umhlalaphansi, ongufakazi ecaleni lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayeyimeya yalo mkhandlu, uNkk Zandile Gumede nabanye, utshele iNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ukuthi wayenengcindezi yokusayina aqinisekise ukuthi luyenzeka uhlelo lokukhokhela izinkampani ezazithole ithenda yokuqoqa udoti.
Lo fakazi ongeke adalulwe, uthe ngesikhathi kwenziwa uhlelo lokunika izinkampani ithenda wayengeyona ingxenye yalo kodwa owayeyingxenye ngumsolwa wesine, uMnuz Allan Robert Abbu, owayeyiphini lenhloko ophikweni lokuqoqa udoti.
Uthe uma sekufanele u-Abbu asayine amaphepha enkokhelo wayengatholakali, okwakuchaza ukuthi kwakumele kusayine yena. Ngesikhathi umshushisi u-Advocate Ashika Lucken embuza ukuthi ingcindezi yani le akhuluma ngayo, ufakazi uthe isimo sasishubile njengoba osonkontileka babefika emahhovisi kamasipala, bezoqinisekisa ukuthi amaphepha okukhokhelwa kwabo ayasayinwa ukuze bakhokhelwe.
“Lokhu kwakwenzeka ngaphambi kokuthi bakhokhelwe. Abasebenzi bosonkontileka babevala indawo yokungena emahhovisi ethu. Ngangibona ukuthi kwakuzofaka abasebenzi nami engozini,’’ kusho ufakazi.
Ngaphezu kwalokho, izinkontileka kwakungezezinyanga eziyisithupha kodwa amaphepha okukhokhela osonkontileka ayemba eqolo. Uthe babefuna ukukhokhelwa imali eningi ngezinyanga zokuqala zokusebenza. Uthe okwakumkhathaza wukuthi ngesikhathi befika ezinyangeni eziyisithupha, isabelomali sasizobe sesiphelile.
“Ngangikhathazekile ngempela ngokuba khona kwesabelomali ukuya phambili,” kusho ufakazi.
Uqhubeke watshela inkantolo ukuthi ngesikhathi befinyelela enyangeni yesithathu yenkontileka, isabelomali sabe sesiphelile. “Yayingasekho imali yezinyanga ezintathu ezizayo,’’ kusho yena.
Uqhube wathi wawungekho umhlahlandlela oqondile kubaphathi bakhe, ukuthi uzoqhubeka kanjani ukuya phambili.
Ngaphezu kwalokho, uthe kwakuxhunywaana ngama-email phakathi kuka-Abbu, uMnuz Sipho Nzuza owayeyimenenja kamasipala ongumsolwa wesithathu kanti naye wayefakwa kulawo ma-email nomunye umsebenzi ongeke adalulwe ngoba usazobizelwa enkantolo azofakazo.
Uthe kuma-email, kwakudingidwa ngokukhathazeka ngemali yokukhokhela osonkontileka. Uthe wanquma ukucela ukuthatha ikhefu lezinyanga ezintathu.
“Ngacela ikhethu kuNzunza phakathi no-Ephreli 2018, ngaze ngabuya phakathi noJulayi,” kusho yena.
Uqhube wathi ngesikhathi esebuya ekhefini abasebenzi bakhe bamtshela ukuthi sekubhekwe enye imali yokukhokhela osonkontileka.
Ufakazi akakwazanga ukuqhubeka nokufakaza njengoba abameli bebefuna ukubona amaphepha anama-email okwakudingidwa kuwo ngokukhathazeka ngemali. UMbuso uthe uthole lawa maphepha ngomzuzu wokugcina futhi uzokwabelana ngawo ngesikhathi sasemini.
Inkantolo iguqe amahora amabili. Emuva kwekhefu, uMbuso ukhiphe umbiko we-Bid Adjudication Committee ukubuza ufakazi ngawo. U-Advocate Jay Naidoo omele omunye wabasolwa, ungenele wathi uMbuso awukwazi ukuphosa imibuzo ufakazi ngombiko angawuhlanganisanga futhi ongayona ingxenye yawo.
IJaji uSharmaine Balton nalo lizwakalise ukukhathazela ngalokhu kodwa u-Adv Lucken uthe kukhona izinto ezimbalwa abefuna ukuzibuza, inkantolo yamvumela kodwa yamumisa ngenxa yemibuzo abeyibuza.
“Kunezingxenye ezibhalwe ngesandla futhi kwezinye kulungisiwe. Ngikhathazekile ngokuthi lo fakazi uzothini ngoba akahlangene nakho,” kusho iJaji uBalton. Icala liyaqhubeka