BAZOWASHAYELA ekhulukuthu amathini abathathu abasolwa ngamacala okugebenga imoto yemali.
Amaphoyisa alunywe indlebe ngesigameko sokugetshengwa kwemoto yemali ngoMgqibelo, ku-R37 Mecklenburg, eSekhukhune. Kuthiwa qulu labasolwa liqhumise imoto ethutha imali lase liyayiphuthuma. Kufe unogada oyedwa kulesi sigameko.
“Kufe unogada oyedwa ngesikhathi kuvinjezelwa imoto yemali anduba abasolwa bashaye bechithe nesamba semali engaziwa,” kusho uBrigadier Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa eLimpopo.
Ithimba elisebenza ukulandela umkhondo wabasolwa esifundazweni, liqoqe ulwazi olutholakele ngoMgqibelo. NgeSonto kukhishwe imininingwane yemoto ebisetshenziswa ngabasolwa okuyiHyundai Creta ekhonjwe ku-R40 ngaphandle kwaseHazyview, eMpumalanga.
Amaphoyisa azamile ukuyimisa le moto kodwa umshayeli wayo washaya wachitha yaze yavinjwa isijahwe ibanga elingu-5km.
“Abasolwa ababili abebesemotweni baseshwe amaphoyisa batholakala nezinhlamvu ze-AK47 nesamba semali esingadalulile. Bobabili laba basolwa baboshiwe,” kuqhubeka yena.
Amaphoyisa aqhubeke nophenyo lwawo eLimpopo, enikela endaweni yaseBurgersfort eMashifane Park. Lapha kuboshwe umsolwa wesithathu obehamba ngemoto okukholakala ukuthi isetshenziswe ngesikhathi kwenziwa ubugebengu. Kule moto kutholakale isamba semali engaziwa, izimpahla ezibizayo zenani elilingaiselwa kuR50 000.
Uphenyo lokuqala ngalo msolwa luveza ukuthi ungaphandle ngebheyili ngecala elifanayo elenzeka ngo-2018, endaweni yaseSekhukhune.
Laba basolwa abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-40 bazogqunywa esitokisini kuze kube wuJanuwari 24, ngonyaka ozayo lapho bezovela phambi kweMantshi yaseMoroke ngamacala okugebenga ngenhloso yokulimaza nokubulala.