UTHELE izithelo umkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu kubanjwa abasolwa abathathu ngoMsombuluko ngamacala okugebenga eTshwane.
Amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nabasolwa okuthiwa bagebenga amabhizinisi, izimoto zemali nemishini yemali, ama-ATM.
Lolu lwazi luholele amaphoyisa emzini oseSoshanguve eTshwane lapho kutholwe khona abasolwa ababili. Kuseshwa kuwona umuzi, amaphoyisa athole i-AK47, I-shotgun ne-pistol. Kubuye kwatholakala nenqwaba yezinhlamvu, iziqhumane nemali enomaka.
“Amaphoyisa abophe laba basolwa abaneminyaka engu-40 no-34 ubudala anduba adlulele komunye umuzi elandela umkhondo,” kusho uLieutenant Colonel Mavela Masondo.
Amaphoyisa ahambe aphelela eLotus Gardens, khona eTshwane lapho kutholwe owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala, naye ubanjwe nemali enomaka nesibhamu esingekho emthethweni.
“Laba basolwa bayamaniswa nenqwaba yamacala okugebenga izimoto zemali, ukuqhumisa ama-ATM nokugetshengwa kwamabhizinisi esifundazweni,” kuqhubeka uMasondo.
Amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa, ababoshiwe bazovela enkantolo maduzane.