UKHOMISHANA we-Unemployment Insurance Fund (UIF), uMnuz Teboho Maruping, uxwayise izinkampani zaseThekwini ezingafuni ukusebenzisana nabacwaningi mabhuku be-UIF ngokuthi uzomisa ama-akhawunti azo asebhange.
“Sizowavala ukuthi izinkampani zingakwazi ukuwasebenzisa ama-akhawunti ezinkampanini ezingafuni ukusebenzisana nabacwaningi mabhuku be-UIF abaphenya ngokusebenza kwe-Covid-19 TERS. Azoze avulwe uma sebededele abacwaningi mabhuku ukuthi benze umsebenzi wabo,” kusho uMaruping.
Uveze ukuthi abacwaningi mabhuku bathwele kanzima njengoba izinkampani eziningi ezathola usizo lwe-Covid-19 TERS zingafuni ukuvumela abacwaningi mabhuku ukuthu bacwaninge amabhuku azo ukuze babone ukuthi imali yaya yini kubasebenzi abafanele.
UMaruping ubehambele izinkampani zaseThekwini ezathola usizo lweCovid-19 TERS ehambisana nabacwaningi mabhuku.
“Abanikazi bezinkampani esibavakashele eThekwini bebengafuni ukusebenzisana nathi, abanye bebegwajaza bengafuni ukusinika amabhuku ukuze senze umsebenzi wethu. Kuyangixaka kakhulu lokhu ngoba ngisho enkampanini ebesihlele kahle ukuze siyeza esePinetown asizange samukelwe kahle. Kwenye inkampani nayo esePinetown siye savalelwa ngaphandle,” kusho uMaruping.
Uthe indlela abaphathwe ngayo ayiyinhle neze ngoba bazikhokhela izinkampani imali yokuholela abasebenzi ngesikhathi zithikanyezwe yiCovid-19.
Amabhizinisi aKwaZulu-Natal uthe axhaswa ngo-R9.2 billion ku-R62 billion owawunikwa izinkampani ukuze ziholele abasebenzi ngesikhathi kuvalwe izwe ngenxa yeCovid-19.
“Izinkampani ezingafuni ukusivulela ukuba senze umsebenzi wethu sizozivulela amacala koKlebe, silande nophiko olushaqa impahla i-Asset Forfeiture Unit kanjalo nolokushushiswa komphakathi iNational Prosecuting Authority ukuze kumiswe ukusebenza kwama-akhawunti azo. Siqhuba uhlelo lwethu lokulandela imali ukuqinisekisa ukuthi yaya kubantu abafanele,” kusho uMaruping.
Ngonyaka odlule i-UIF yathumela abacwaningi mabhuku abawu-350 ukuba balandele imali yeCovid-19 TERS. Sekuboshwe abaqondisi bezinkampani eziwu-15 ababhekene namacala enkohlakalo.
Omunye umsebenzi wenkampani owayebhekelele amabhuku uMnuz Lindelani Gumede wagwetshwa iminyaka ewu-135 ebhadla ejele emuva kokulahlwa ngamacala awu-32 okukhwabanisa uR11 million we-Covid-19 TERS.