AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal azobe ala ukhasha ezigebengwini kulamaholide kaKhisimusi. Lokhu kuvezwe wuNdunankulu wakulesi sifundazwe, uNkk Nomusa Dube Ncube obehambisana noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, kwethulwa izinhlelo zokuphepha kulamaholide kakhisimusi.
UNkk Nomusa Dube-Ncube uthe amaphoyisa ami ngomumo ukunqanda noma yiluphi uhlobo lobugebengu olungenzeka esifundazweni ngesikhathi sikaKhisimusi.
"Umbono kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bahlala endaweni ephephile. Abesifazane, izingane nomphakathi obuthakathaka kumele bazizwe bevikelekile futhi beneqholo lokuthi uphiko lwezobulungiswa lizokwazi ukubopha nokushushisa izigebengu’’ .
Uthe ukwethulwa kwalo mkhankaso kuhambisane nesikhathi izwe ligxile nasemkhankasweni wezinsuku ezingu-16 zokulwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.
Ngaphandle kukaNkk Dube Ncube noCele, kulo mcimbi bekukhona uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi nezokuXhumana, uMnuz Sipho Hlomuka; iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi.
UNkk Dube Ncube uthe abakasiDlodlo bazonkanisa kuzo zonke izindawo nasemigwaqeni, emizileni yezitimela nasezikhumulweni zemikhumbi ukuqapha ngeso lokhozi ubugebengu obungenzeka.