AZIKHO izinsalela zeminwe ezatholakala esicabheni okuthiwa sasisetshenziswa yiwo wonke umuntu, kufaka phakathi nabasolwa kwaKhumalo ngosuku okwabulawa ngalo uSenzo Meyiwa.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana wabulawa ngokudutshulwa ekubo kanina wengane yakhe ongumculi, uKelly Khumalo ngo-Okthoba 26, 2014.
Ukungatholakali kwezinsalela zeminwe esicabheni sasekhishini, okuthiwa abasolwa bangena ngaso, saphinde sasetshenziswa nangababesendlini, kuvele ngesikhathi u-Advocate Zandile Mshololo ephosa ngemibuzo ufakazi, uColonel Thobeka Mhlahlo.
UMshololo ungummeli kammangalelwa wesihlanu ecaleni, uMnuz Sfisokuhle Ntuli.
UMshololo ubuze uMhlahlo ukuthi izinsalela zeminwe zazithathwa wuye yini. UMhlahlo waphendula ngokuthi kunjalo.
UMshololo uqhubekile nokupheka ufakazi oyiphoyisa, uMhlahlo othe wuyena onesikhundla esiphezulu kunozakwabo uWarrant Officer Thabo Mosia owafika kuqala endaweni yesigameko
Utshele inkantolo ukuthi wawathatha amasampula ezinsalela yeminwe emnyango, okuthiwa abasolwa bangena ngawo.
“Ngafaka impushana esiyisebenzisa uma sibheka ukuthi zikhona yini (izinsalela) kodwa angitholanga lutho. Ngaphambi kokusebenzisa le mpushana ne-brashi, ngaqala ngakhanyisa ngethoshi esilisebenzisa uma senza lo msebenzi,” kuchaza uMhlahlo.
Ube eseveza ukuthi uWarrant Officer Mosia, ofakaze ngaphambi kwakhe kuleli sonto, ethula obakhe ubufakazi uthe azikho izinsalela zeminwe ezathathwa esicabheni.
UMhlahlo ugcine esephendula ngokuthi ngeke akwazi ukuphendula ngento eshiwo uMosia.
UMshololo ubuye wadweba isithombe sokuthi uMhlahlo akenzanga okufanele endaweni yesigameko ngesikhathi eqhubeka nokuyekelela uMosia ukuthi aqhubeke enze enye ingxenye yophenyo, ekubeni kunguyena owayengaphezu kukaMosia ngokwesikhundla.
UMhlahlo uthe into eyaba yinkinga wukuthi uMosia wayengenazo ezinye izinsizakusebenza, njengamathoshi afunekayo uma kuthathwa izinsalela zeminwe.