I-ACTIONSA KwaZulu-Natal ikhathazwa isimo samabhilidi asenkabeni yeTheku anganakwe muntu, asesetshenziswa abokufika kuleli.
Lokhu kuvezwe umholi waleli qembu kulesi sifundazwe, uMnuz Zwakele Mncwango, ngesikhathi ehambele amabhilidi ngoLwesihlanu.
UMncwango uthe inhloso yokuhambela amabhilidi bekungukuthi bayohlola isimo nokwenzekayo ngaphakathi kuwo.
Uthe kuyakhathaza ukuthi bathole ukuthi iningi lamabhilidi lisesimweni esingagculisi, wathi banezinsolo ezinkulu zokuthi kwenziwa izinto ezingalungile kuwo.
“Amaningi awo aqhwagwe ngabokufika kuleli. Size sathola nokuthi omunye usomabhizinisi onesitolo kwelinye lamabhilidi, uvale isitolo sakhe ngaphambi kokufika kwethu, okudweba isithombe esicacile sokuthi kula mabhilidi kuqhutshwa imishikashika engalungile,” kusho uMncwango.
Uthe okukhathazayo ukuthi amabhilidi anganakiwe awagcini nje ngokuba yizindawo zokuhlala ngokungemthetho kodwa ayinkundla lapho kwenziwa khona izinto ezingalungile.
“Lokho kubeka engcupheni ezokuphepha zomphakathi,” usho kanje.
Wenze iziphakamiso zokungenziwa ukuze amabhilidi asetshenziswe kangcono umphakathi.
“Eyokuqala into engenziwa ukuthi alungiswe kahle, aphendulwe izindawo zokuhlala ezingambi eqolo njengoba sazi ukuthi iseyinkinga indaba yezindawo zokuhlala eThekwini. Ukuphendula la mabhilidi abe yizindawo zokuhlala ezishibhile, kuzonika usizo lwendawo yokuhlala edingekayo kubantu abadonsa kanzima, kuphinde kuqinisekise ukuthi bahlala endaweni ephephile nehloniphekile,” kusho yena.
Uthe okunye okungenziwa ukuthi zilungiswe bese ziphendulwa izindawo zokusebenza kosomabhizinisi abancane.
“Zingaphendulwa ama-hub aseqophelweni eliphezulu, asize osomabhizinisi abasafufusa ukuthi baqhube amabhizinisi abo ezindaweni ezikahle. Lokho kungalekelela ekutheni kufukuleke umnotho, kwakhe namathuba omsebenzi,” kusho yena.
Uthe bayakholwa ukuthi uma kungalungiswa isimo samabhilidi, idolobha lungathuthuka kakhulu bese lokho kuphucula impilo yezakhamuzi zeTheku nezokuphepha.