USIHLALO wenhlangano yohulumeni basekhaya, iSA Local Government Associations (Salga) KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthi akufanele wenziwe ihaba umbiko oveza ukuthi kunamakhulu amakhansela aseKZN angakwazi ukubhala nokufunda ngoba leli lizwe selike laphathwa wumengameli ongafundile.
Yize uNtuli ethe kubalulekile ukuthi amakhansela afunde, uthe ukufunda kwawo akusho ukuthi azowenza ngendlela umsebenzi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba engqungqutheleni yezinsuku ezimbili ebihlelwe yiSalga eKZN.
Umbiko osanda kukhishwa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uhlawumbisele ekuthini cishe angu-300 amakhansela akulesi sifundazwe angakwazi ukubhala nokufunda.
UNtuli uthe kungenzeka ukuthi isibalo samakhansela angakwazi ukufunda nokubhala sincane kunesibikwayo.
“Kuyishwa ukuthi uma kukhulunywa ngalo mbiko kukhulunywa sengathi kwenziwe ucwaningo oluphelele. Okufanele sikubalulele wukuthi lolu bekungelona ucwaningo lapho bekubhekwa wonke amakhansela ukuthi ayakwazi yini ukubhala nokufunda.
“Lapha kuthathwe isibalo esithile samakhansela, sase siyahlolwa ukuthi siyakwazi yini ukubhala nokufunda. Emva kwalokho kube sekuyahlawumbiselwa ukuthi mangaki amakhansela angakwazi ukubhala nokufunda, kususelwa emiphumeleni yalabo abahloliwe.”
UNtuli uthe ukufunda kwamakhansela akusho ukuthi azokwazi ukwenza umsebenzi.
“Iqiniso lithi siyazi sonke ukuthi kuleli lizwe sike saba nomengameli ongafundile. Kungani ukungafundi kwamakhansela sekwenziwa indaba enkulu? Abukho ubufakazi bokuthi amakhansela afundile awenza kangcono umsebenzi kunangafundile.
“Ukuba yikhansela kusho ukuthi kufanele ukwazi ukukhulumela umphakathi owumele. Ukuba yikhansela kusho ukuthi kufanele ukwazi ukulwela ukuthi umphakathi okukhethile uzithole izidingo.”
UNtuli uthe kufanele alekelelwe amakhansela angafundile.
“Amanye ala makhansela kawazange alithole ithuba lokufunda ngenxa yezimo aqhamuka ngaphansi kwazi. Okwethu thina nomnyango wukuba siwalekelele. Kuyishwa ukuthi amakhansela kawalutholi uxhaso lokufunda njengoba kwenzeka kubasebenzi bomasipala.”
Khonamanjalo ihhovisi lomcwaningi-mabhuku, uNksz Tsakani Maluleke, likhale ngokubhubhudlwa kwemali komasipala baKwaZulu-Natal.
Emyalezweni wakhe, uNksz Maluleke uthe iningi imali esetshenziswa ngaphandle kokulandelwa kwemithetho komasipala baseKZN.
Lo mlayezo ufundwe yisikhulu sehhovisi likaNksz Maluleke esethulwe njengoNkk Mkhize.
Emlayezweni uNksz Maluleke uthe ngonyaka wezimali owedlule imali enguR5 billion komasipala besifundazwe isetshenziswa ngaphandle kokulandelwa kwemigomo elawula ukusetshenziswa kwezimali zomkhandlu.
Ukhale ngokuthi omasipala abaningi besifundazwe balethe imibiko yokusetshenziswa kwemali engekho ezingeni elihle.
Uthe kuhlula noma omasipala sebeqasha izinkampani ezizimele ukuba zibenzele imibiko yokusetshenziswa kwemali, kube nhlanga zimuka nomoya.
“Kulo nyaka wezimali owedlule omasipala baKwaZulu-Natal basebenzise imali enguR1.6 billion beqasha izinkampani ukuba zibenzele imibiko kodwa asizange siwubone umehluko kule mibiko.”