UDIDEKILE umndeni wowesilisa obedayisa ezitimeleni okuthiwa udutshulwe esiteshini saso ngoMgqibelo.
Kusolwa unogada wesitimela kulesi sigameko okubulawe kuso uMnuz Siphelele Makhehla Mpungose (25) obehlala ehostela KwaMashu. Udutshulwe ebusuku esiteshini iDuffs Road. Umndeni wakhe uthe namanje awukayitholi imbangela yokubulawa kwakhe njengoba nomfowabo efike selidume ladlula.
Umfowabo kamufi, uMnuz Sibongiseni Mpungose, uthe washayelwa ucingo ngudadewabo omdala naye ohlala KwaMashu ngezithuba zabo 9 ebusuku ngoMgqibelo, emtshela ukuthi umfowabo usedutshuliwe.
“Ngazama ukuthola imoto ezongiphuthumisa endaweni yesigameko kodwa ngangayithola. Kwaphoqeleka ukuthi ngihambe ngezinyawo ngisuka eThembalihle (KwaMashu), ngafika kunezixongololo esiteshini sesitimela. Ngithole ukuthi umfowethu washayelwa ucingo ngabangani bakhe basoThongathi, abedayisa nabo esitimeleni bethi abayodayisa emcimbini kamaskandi eMoses Mabhida,” echaza.
Uthe wayeseshayile u-10 ebusuku ngesikhathi efika endaweni yesigameko, sekukhona namaphoyisa nabanye onogada. UMpungose uthe watshelwa ukuthi unogada osolwayo wayegade umshayeli wesitimela. Kuthiwa kwaba nengxabano esitimeleni, umshayeli wamisa isitimela eDuffs Road.
“Engingakutholi kahle ukuthi kwakungeyani ingxabano ngoba incazelo ayicaci. Angazi noma umfowethu naye ubekhona yini engxabanweni noma udubuleke ngephutha. Angitholi kahle nokuthi unogada okumele avikele abagibeli esitimeleni, angadubula kanjani kugcwele abagibeli,” kusho yena.
Uthe umufi wamfica elele phansi eduze kukalayini ophuzi eduze kwesitimela. Uveze ukuthi umufi ubevele eziphilisa ngakho ukudayisa ezitimeleni njengoba abizwa ngabangani ukuyodayisa naseMabhida.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLt-Colonel Thulani Zwane, uthe umufi wadutshulwa ngezithuba zabo-9:30 ebusuku. Uveze ukuthi akwaziwa okususe ingxabano eholele kulesi sigameko. UZwane uthe kuboshwe unogada ngawo uMgqibelo, okulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze. Ngesikhathi sokuloba uMnuz Zama Nomgaga, okhulumela abakwaMetrorail, uthe bayazi ngalolu daba kodwa uzokhipha isitatimende esigcwele uma sebethole umbiko konogada.