IMEYA kaMasipala uMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi inxusa abantu ukuthi balinde amaphoyisa azise imindeni ngendlela efanele ngabesilisa abahlanu esebulawe ngokudutshulwe eCheckers Centre, eRichards Bay.
Ukusho lokhu emuva kokukuthi iningi labantu abakule nxanxathele yezitolo bethwebule izithombe zezidumbu, amaphoyisa engakafiki bazisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana.
Kukhulunywa nje izidumbu zabesilisa abane zisadindilize endaweni yesigameko, owesihlanu kuthiwa ushone esesibhedlela. Amalungu emindeni awakaziswa futhi abekho esebekhombe izidumbu.
"Ngesikhathi esifanele amaphoyisa azokwazisa imindeni. Ngokwesintu akuvumelekile ukusabalalisa izidumbu nemindeni ingakabikelwa.
Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini. Kwenzeka lokhu besimatasa nohlelo lokuqinisa ezobuchwepheshe ukulwa nobugebengu. Amaphoyisa enze omkhulu umsebenzi ukuzama ukulwa nezigameko ezifana nalesi," kusho uNgwezi.
Abantu abazibonele kwenzeka lesi sigameko balokhu bebabaze njalo ngabakubone namhlanje. Nakuba kunjalo, bayesaba ukukhuluma nabezindaba.
Abanye babadayisi batshele leli phephandaba ukuthi akusasebenzeki futhi nesithombe sabakubonile sisekude ukusuka ezingqondweni.
"Siyesaba ukukhuluma nezintatheli. Sicashile. Ningasiqhathi ngoba asibazi nabantu abadubulayo mhlawumbe basekhona bayasibuka," kusho omunye wabadayisa emgwaqweni.
UGeneral Major Sipho Ngubane waseKing Cetshwayo, ekhuluma nabezindaba emva kwalesi sigameko, uveze ukuhi baphezu kophenyo kodwa ngesikhathi esifanele umphakathi uzobikelwa okufanele.