UKWESULA ubuthaphuthaphu emsebenzini kwamaphoyisa ombutho weSouth African Police Service (SAPS), kuyinselelo kwezokuphepha kwezwe nakwezomnotho.
Kuvamisile ukuthi amaphoyisa ashiye embuthweni aqome ukuvula amabhizinisi, ukusebenza ezinkampanini zonogada ezizimele nokufudukela kwamanye amazwe ngenxa yemihlomulo engagculisi.
Ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yeshumi yokukhetha ubuholi benyunyana yamaphoyisa iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ebiseThekwini ngeledlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, ukhale ngesibalo samaphoyisa alaxaza umsebenzi bese eyosebenza kwamanye amazwe nasezinkampanini ezizimele.
Lokhu bekuvame ukwenziwa ngothisha nabahlengikazi, manje sekwenziwa ngamaphoyisa. Alinganiselwa ku-3 000 ngonyaka amaphoyisa anqume ukushiya umsebenzi, okuthiwa kwenzeke iminyaka emithathu ilandelana phakathi kukanyaka wezimali u-2020/2021, no-2022/2023.
Ngasekuqaleni konyaka ngenkathi ephendula imibuzo ePhalamende uCele uveze ukuthi angu-1 303 amaphoyisa asulile nyakenye, ingxenye yesibalo ishiye ngoba isithole imihlomulo engcono. Kubikwa ukuthi amanye ayaphoqeleka ukubeka phansi izintambo ngenxa yokugula. Kusolakala ukuthi iningi lawo lihlaselwa yizifo ezidalwa wukhwantalala olubangelwa ukwehluleka ukubhekana nezidingo zempilo ezinyuka mihla yonke. Abanye baguliswa yingcindezi yomsebenzi njengoba eshoda amaphoyisa kepha kubhekwe ukuthi avikele wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
UDkt Johan Burger we-Institute for Security Studies, uthe ngeke kulunge ukuthi elakuleli lilahlekelwe amaphoyisa aqeqeshwe ngezinga eliphezulu, ngakho uCele noKhomishana kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, kumele bangenelele ngokushesha ukulungisa isimo
Kukhona namaphoyisa angaphansi kwezinhlaka ezehlukene ezithenjwe kakhulu kuleli lapho beqeqeshwa ngezinga lombutho wezempi okubalwa iSpecial Task Force (STF), iNational Intervention Unit (NIU) neTactical Response Team (TRT).
Lolu hlobo lwamaphoyisa lutshalwa ezindaweni ezinobugebengu obudlange ngendlela exakile, obungalungele ukubhekana kuphela nephoyisa elijwayelekile elisesiteshini.
I-South African Police Union (SAPU), ithi ukwesula kwamaphoyisa okudlange ophikweni lweSpecial Task Force, kushiya izwe buze ngoba abashiyayo bavame kwenza umsebenzi wokuqeqesha ezinkampanini zonogada ezibanikeza imihlomulo engcono. UNobhala wayo KwaZulu-Natal, uNkk Nesi Mdletshe uthe uhulumeni umadolo nzima ukukhuphula imihlomulo ezokwenza kwehle ingcindezi emaphoyiseni.
“Kusho ukuthi onogada balezi zinkampani baqeqeshwe ukwedlula amaphoyisa ajwayelekile okubeka engcupheni izwe nomsebenzi wamaphoyisa. Amakhono abawathole ngesikhathi beqeqeshwa angagcina esetshenziswa ngendlela enobungozi emphakathini, uma sebengabantu nje abajwayelekile. Imihlomulo yalokhu kuqeqeshwa kwawo, iScarcity Skill Allowance igcine ukwengezwa eminyakeni edlule ekubeni ozakwabo abaqeqeshwe ngendlela efanayo embuthweni wezokuvikela iSouth African Defence Force (SANDF), eyabo ibuyekezwa njalo emva kweminyaka emibili. Lokhu okungasenzeki emaphoyiseni.”
Uqhube wathi amaphoyisa eSTF anohlelo lokuthi ayoqeqeshwa njalo ngonyaka ukuze akhunjuzwa izindlela zokuvikela umphakathi nokulwa nobugebengu. Ngenxa yobucayi bezigaba okudlulwa kuzo uma eqeqeshwa, kuyenzeka amanye alimale lokho kuholela ekutheni alahlekelwe yimihlomulo. Uthi agcina enengcindezi bese esula emsebenzini eyofuna imali engcono yokumelana nezidingo zempilo.
Uhulumeni ufanele ukuzinuka amakhwapha ngale ngwadla ngoba sekukaningi kuhlatshwa ikhwelo lokuthi kuphuculwe imihlomulo yamaphoyisa. Kukholakala ukuthi lokho kungawagcina emsebenzini kulekelele ekunciphiseni ubugebengu nenkohlakalo ebikwayo ngaphakathi embuthweni. UMnyango wamaPhoyisa usulahlekelwa yimali enkulu esabelweni semali, esetshenziselwa ezokuqeqesha ezigabeni ezehlukene. Kumanje kubekwe eceleni uR5.7 billion ohlelweni lweminyaka emithathu lokwamukela abangu-30 000, abaqeqeshwa kulo mkhakha oluqale ngonyaka wezimali u-2022/2023 olumenyezelwa nguMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
Kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ukuqashwa kwamaphoyisa kuleli ngenxa yokuthi avala izikhala ezivuleka ngesikhathi kushiya amanye. Lokhu kwenza ziqhubeke izinselelo ezibhekene namaphoyisa ekuvikeleni abantu bakuleli.
Izigameko zobugebengu zakamuva ezibikwe emaphoyiseni ziveza ukuthi bangu- 6 228 ababulawe kuleli, phakathi kuka-Ephreli noJuni. Lokhu kwenza silinganiselwe ku-70 isibalo sabantu ababulawayo ngosuku.