AMAQEMBU aphikisayo akhala ngokuthi inkulumo eyethulwe umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, mayelana nokulandelwa kwezincomo zekhomishini ePhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, ibingenazo izinto ezibambekayo.
AMAQEMBU aphikisayo akhala ngokuthi inkulumo eyethulwe umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, mayelana nokulandelwa kwezincomo zekhomishini ePhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, ibingenazo izinto ezibambekayo.
La maqembu athe uRamaphosa uhlulekile ukucacisa ukuthi iziphi izinyathelo ezizothathelwa abantu abathinteka embikweni wekhomishini.
URamaphosa wethule inkulumo yakhe ngesonto ebusuku lapho ecacise ngezinhlelo zakhe nezikahulumeni ukulandela iziphakamiso ezenziwe kulo mbiko wekhomishini ebiphethwe yiJaji uRaymond Zondo.
URamaphosa ubenale nkulumo kulandela ukuhambisa izimpendulo zakhe ePhalamende ngoMgqibelo, mayelana nombiko weKhomishini kaZondo.
Phakathi kwezinye izinto uRamaphosa athe usezinhlelweni zokuzibuyekeza ukuthi zenziwe, ngukusungulwa kwezinhlaka ezimbili ezizobhekana ngqo nenkohlakalo.
Kepha iDA, IFP kanye ne-EFF bathe inkulumo kaRamaphosa ibigcwele izethembiso ezingeke zifezwe.
I-IFP neDA bathe ukungacacisi kukaRamaphosa ukuthi iziphi izinyathelo azozithathela ongqongqoshe abathinteka kulo mbiko kukhombisa ukuthi akazimisele ngokulandela izincomo zale khomishini.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe inkulumo kaRamaphosa ikhombisa ukuthi abantu abazothathelwa izinyathelo ilabo abangabalulekile kangako.
“Lokhu kulahlisa ithemba. Mhlawumbe ithemba lingabuya uma kungase kuthathelwe izinyathelo abaholi be-ANC abathinteka embikweni kaZondo. Esikhundleni sokuphumela obala ngongqongqoshe abathinteka embikweni, uRamaphosa uvele wagudla iguma.”
USotswebhu weDA, uNksz Siviwe Gwarube, uthe izinto eziningi ezimenyezelwe uRamaphosa izinto vele okumanje zenziwa izinhlaka zoMbuso ezahlukene.
“Uvele wakubalekela ukusho ukuthi uzokwenzenjani ngongqongqoshe abathinteka embikweni. Uyena oqoka ongqongqoshe. Kepha enkulumeni yakhe uvele wathi uyalubhekisisa lolu daba.”
UNksz Gwarube uthe kusobala ukuthi amaqembu ezepolitiki kufanele asebenze ngokubambisana ukuze kuthathelwe izinyathelo labo abathintekayo.
Okhulumela i-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, uthe bebevele bengalindele lutho olutheni kuRamaphosa.
UNksz Mathys uthe sebesho kaningi ukuthi uRamaphosa uyahluleka ukuphatha izwe.
Uthe uRamaphosa usebenzisa umbiko wekhomishini ukulwa izimpi zepolitiki.
UNksz Mathys uthe uRamaphosa akufanele akhulume ngenkohlakalo njengoba engakaligezi igama lakhe mayelana nokugqekezwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe ukungaboshwa kongqongoshe kwenza ukuthi abantu bakuleli baphelelwe isineke.
UKhumalo uthe njengoba umbiko usuphothuliwe, kungenzeka kube khona abanye abantu abazoboshwa.
“Ikakhulukazi njengoba sibheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC, kungase kube khona abantu ababoshwayo. Ngesikhathi uRamaphosa engena ebuholini wathembisa ukuthi uzolwa nenkohlakalo.”
UKhumalo uthe ukuboshwa kwabasolwa ngenkohlakalo kungalekelela uRamaphosa ukubuyisa isithunzi sakhe njengoba engaphansi kwengcindezi kulandela ukugxekwa ngababengomengameli.
Ngempelasonto uRamaphosa ugxekwe ngababengomengameli, uMnuz Thabo Mbeki, uMnuz Kgalema Motlanthe kanye noJacob Zuma.