UMENGAMELI uMnuz Cyril Ramaphosa akasazimisele ukuphonsela inselelo umbiko owathola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona imithetho ayephula ngendlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo, iPhala Phala.
Lokhu kungenxa yokuthi uRamaphosa ukholelwa ukuthi lo mbiko wethimba lasePhalamende elaliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, iJaji uSandile Ngcobo, awusathi shu.
Lokhu kuvezwe okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
UMagwenya utshele abezindaba ukuthi umbiko wethimba elaliholwa nguNgcobo awusathi shu ngenxa yokuthi iPhalamende lawuchitha.
URamaphosa wazama ukuyowuphonsela inselelo enkantolo yoMthethosisekelo lo mbiko kepha inkantolo yamchitha, yathi lolu daba kufanele luqalwe lulalelwe ezinkantolo ezingaphansi kwayo.
UMagwenya uthe uRamaphosa angeke aze aye kophonsela inselelo lo mbiko ezinkantolo ezingaphansi kwenkantolo yoMthethosisekelo njengoba izimo sezishintshile.
“Umengameli welulekwe ukuthi engabe esazithatha ezinye izinyathelo zomthetho ngoba lo mbiko wachithwa yiPhalamende. Ukuchithwa kombiko yiPhalamende kusho ukuthi awusenamthelela wezomthetho.”
Umbiko ngePhala Phala uke waba iphela endlebeni kuRamaphosa njengoba amaqembu aphikisayo abefuna ukuthi kusungulwe ikomiti lasePhalamende ebelizoqala uhlelo lokuthi uRamaphosa akhishwe esikhundleni.
URamaphosa wasinda kulolu gibe emva kokuthi amalungu e-ANC avotela ukuthi lingasungulwa ikomiti elalizoqala uhlelo lokukhishwa kwakhe esikhundleni.
Kepha impi yezomthetho emayelana nalolu daba ayikapheli njengoba iqembu, i-ATM, liphonsela inselelo umhlangano wasePhalamende owachitha umbiko kaNgcobo.
I-ATM yanikela eNkantolo eNkulu eWestern Cape ifuna ukuthi inkantolo inqume ukuthi kwakungekho emthethweni ukuthi amalungu ePhalamende avote ngokuyimfihlo kepha inkantolo yasichitha lesi sicelo.
Ngeledlule, i-ATM ilufake eNkantolo yamaCala aDlulisiwe lolu daba.
Kepha uMagwenya uthe okwamanje asikho isidingo sokuthi uRamaphosa aye kophonsela inselelo umbiko kaNgcobo enkantolo.
“Uma kuba nesidingo ngokuzayo, uRamaphosa uzokuya enkantolo.”
Udaba lokugqekezwa kwepulazi likaRamaphosa luqale kusele izinyanga ezimbalwa kuhlale ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
Izinkinga zakhe zaqala ngesikhathi evulelwa icala ngowayeyinhloko yezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, owamsola ngokufihlela amaphoyisa isigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe.
UFraser wenza izinsolo zokuthi kwantshontswa izishaqane zamaDola aseMelika ngesikhathi kugqekezwa ipulazi likaRamaphosa.