AMAQEMBU epolitiki athi azosiphosela inselelo isinqumo sePhini loMvikeli woMphakathi, sokuthola uMengameli uCyril Ramaphosa emsulwa odabeni oluthinta iPhala Phala.
Embikweni wakhe awudedele izolo phambi kwabezindaba, u-Adv Kholeka Gcaleka, uveze ukuthi akukho okuhlanganisa uMengameli wezwe nobugebengu kulolu daba, ngalokho umthola emsulwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi epulazini likamengameli eliseLimpopo iPhala Phala kwatholakala izindodla zemali ngaphansi komatilasi, nokuyinto engavumelekile ngokomthetho walelizwe. Owayengu Khomishana u-Arthur Fraser wagcina evulele umengameli icala. Ukuthalakala kukamengameli emsulwa kucasule kakhulu amaqembu epolitiki, agcine elibeka ngesihloko elokuthi azowuthathela izinyathelo zomthetho lombiko.
Umholi we-African Transformation Movement, uMnuz Vuyolwethu Zungula uthe lokhu okwenzekile kuyichilo. “Lokhu kuchaza ukuthi uma ungumengameli wezwe ungenza ngendlela ofisa ukwenza ngayo kungabi namiphumela. Yingakho singeke siwuyeke udlule nje lombiko. Sizoya enkantolo siyozwakalisa ukunganami kwethu ngawo,” kuchaza uZungula.
Umholi weDemocratic Alliance, uMnuz John Steenhuisen naye uzwakalise ukungenami ngalo mbiko, wathi bazowuthathela izinyathelo.
Nabantu bebelokhu bephawule njalo, bebodwa bethi u-Adv Gcaleka uyazincengela kumengameli. Kuzokhumbuleka ukuthi sesiphelile isikhathi sikaBusisiwe Mkhwebane ehhovisi loMvikeli woPhakathi kanti naye kuzwakala ukuthi ungomunye wabasifunayo lesi sikhundla.
Abanye bebethi vele akukho okusile ebebekulindele kulo mbiko, besola u-Adv Gcaleka ngokweseka umengameli.
Bebebaningi abantu abebelindele lo mbiko ngethemba lokuthi uzomthola enecala umengameli, nokuyinto egcine ingenzekalanga.
Eziphendulela uMengameli Cyril Ramaphosa uthe akakaze abe ingxenye okwenzeni izinto ezibheke eceleni, nokuphula isifungo asenza njengomengameli kubantu baseNingizimu Afrika.
Uthe ukutholwa emsulwa kumenza akhululeke kakhulu.
Njengamanje sekulindwe umbiko woKlebe noSars ngalolu daba lwasePhala Phala.