KUYALELWE uMnyango wezeMpilo kuleli ukuthi ugxile ekulapheni abantu abahaqwe yizifo zengqondo (mental health). Kusolaka sengathi isifo siyathinteka njengoba kwanda amacala athinta udlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Lo myalelo ukhishwe amalungu ePhalamende izolo ngesikhathi uNgqongqoshe womnyango uDkt Aaron Motsoaledi, ethula isabelomali sikaR62.2 billion, sonyaka wezimali u-2024/2025.
Amalungu ePhalamende akhale ngezinto eziningi ezingalungile kwezempilo. Akhale ngezinkinga ezithinta iziguli ezihlala isikhathi eside ezibhedlela zingalutholi usizo lokuhlinzwa nezinye izinto ngenxa yokushoda kwezinsiza.
UMnuz Nhlanhla Gcwabaza weqembu iMK, ukhale ngokuhamba kancane kwezinto ezibhedlela zikahulumeni. Uthe namanje izibhedlela azinalo uhlelo lwezobuchwepheshe olunemininingwane yeziguli.
“Isiguli siya esibhedlela sokuqala, sithathwe igazi, sidluliselwe kwesinye isibhedlela siphinde sithathwe kabusha igazi. Lapho umuntu ugulela ukufa kodwa kudingeka alinde into angayazi. Iziguli zihlala isikhathi eside zingalutholi usizo ezibhedlela, abanye bafika ezintatha baze bagoduke bengambonanga nodokotela. IPhalamende ilona elibulala abantu ngoba kumele ngabe yilona elishaya imithetho evikela iziguli,” kusho uGcwabaza.
UDkt Sophie Thembekwayo we-EFF, uthe kumele izibhedlela zivulwe amahora angu-24 ukuze kusizakale iziguli. Uthe ziningi izinto ezonakele kwezempilo ekubeni inkulu imali ehlinzekwa umnyango.
UMnuz Makashule Gana weRise Mzansi, uthe kumele kuqashwe odokotela, abahlengikazi kulungiswe isimo ezibhedlela nasemitholampilo.
Ukhale ngokwehla kwesibalo sabantu abadla imishanguzo yokuthithibalisa igciwane iHIV.
Usihlalo wekomiti lezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo we-ANC, ukhale ngemali ekhokhwa ngumnyango ekhokhela labo abasuke befuna ukunxeshezelwa ngenxa yobudedengu bezibhedlela.
Uthe ukube kunohlelo lwezobuchwepheshe olunolwazi lweziguli, ngabe abammeli abathathi amashansi ngamacala athinta ubudedengu ngoba umnyango usuke ungenayo imiqingo nolwazi oluthinta leso siguli.
“Ayisukunyelwe indaba yezifo zengqondo ngoba andile namacala athinta udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, okungenza ukuthi umthelela isifo sengqondo. Kunesifundazwe esikhokhe uR900 million, sikhokhela amacala athinta ubudedengu bezibhedlela ngenxa yokuthi ulwazi lweziguli alukho kwezobuchwepheshe,” kusho uDhlomo.
UMotsoaledi uthe bayazazi zonke izinselelo ezibhekene nomnyango wathi bayazilungisa.
Uveze ukuthi bahlabela phambili nomshwalense wezempilo, iNHI.
“Lo mshwalense uzosiza abantu abantulayo kuleli. Ngonyaka uhulumeni uchitha uR100 billion, ukhokhela abanama-medical aid. Le mali kumele ngabe ifakwa kwezempilo ukuze kuzuze wonke umuntu.”
Uthe abasebenzi bakahulumeni, amalungu ePhalamende namajaji, baxhaswa nguhulumeni ngoR70 billion ngonyaka kuma-medical aid.
Ubalule ukuthi abanye abasebenzi abanama-medical aid, noma kungathiwa basebenza kumuphi umkhakha baxhaswa nguhulumeni ngoR30 billion.
“Lo R30 billion usuke ubuyiselwa labo abakhokhela ama-medical aid yisikhwama esiqoqa intela iSARS. Yingakho sithi sihlabela phambili neNHI,”kusonga uDkt Motsoaledi.
Esabelweni somnyango kuvele ukuthi uR56 billion, uyiswa ezifundazweni.