AWAGAYELWA mphako kulezi nsuku amaphoyisa KwaZulu-Natal uma ebhekene nabasolwa ngokuba yizigebengu ezihlalise lubhojozi umphakathi.
Esikhathini esingaphansi kwenyanga bevile ku-12 okuthiwa bathelwe othulini ngamaphoyisa.
Esigamekweni sakamuva esenzeke eLuganda eMariannhill ezintathakusa zayizolo, kufe abesilisa ababili abaneminyaka eko-20 ubudala, okuthiwa bebedudulana ngenhlamvu namaphoyisa ngesikhathi egasele endlini abahlala kuyo, bengazelele.
Kuthiwa amaphoyisa alunywe indlebe ngamanye amalungu omphakathi ngesigejana sabathile abahlalise kabi umphakathi endaweni, ngenxa yezenzo ezehlukene zobugebengu.
Anikele khona ekuseni ngovivi. Ngesikhathi efika kuthiwa abebephakathi badubule babhekisa ngakuwona, kwabe bazidonsela amanzi ngomsele, aphendula ngendlela efanayo.
U-Brigadier Jay Naiker okhulumela amaphoyisa e-KZN, uthe amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezincane zohlobo i-9mm ebezisetshenziswa ngabasolwa.
Uthe amaphoyisa aseMariannhill aphenya amacala okuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, kwavulwa idokodo lophenyo ngokufa kwabantu.
NgoLwesibili, amaphoyisa athele othulini owesilisa okuthiwa ubedume ngelika-Poison okuvele ukuthi ubebhace eNanda. Umsolwa kuthiwa ubethinteka ecaleni lokufa kwephoyisa u-Warrant Officer Sithembiso Mazibuko (40), obesophikweni lwamaphoyisa iNational Investigave Unit (NIU).
Okhulumela uPhiko loKlebe e-KZN, uCaptain Simphiwe Mhlongo uliqinisekisile icala njengoba liphenywa yilolu phiko.
Ukufa kukaMazibuko kulandela ukuthi ngesonto eledlule amaphoyisa alolu phiko adubule abane abebesendlini eKwa-C eNtuzuma, abasolwa ngezenzo zobugebengu.
Kwabafile kukhona nabesifazane abababili, oyedwa kwabesilisa kuthiwa ubefunwa ngamacala angu-12 okubulala enzeke ngoSepthemba. Elinye iphoyisa elilimale kulesi sigameko lingeniswe esibhedlela.
NgeSonto, kufe abasolwa ababili kwathi abane baphuthunyiswa esibhedlela belimele ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ophiko iProvincial Stabilisation Task Team, eNanda.
Kuthiwa amaphoyisa abelandela umkhondo ngabasolwa ngoxhaxha lwamacala enzeka endaweni, okubalwa nawokubulawa kwabantu.
Kuvele ukuthi azame ukuvimba imoto abebehamba ngayo, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo, nawo aphendula. Kulesi sigameko amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-24.
Emasontweni amabili adlule, amaphoyisa adubule abasolwa abane KwaMashu ngezigameko zokubanjwa inkunzi kwemoto ethwala imali.
Kuthiwa ithimba lamaphoyisa eliphenya ngamacala okubanjwa kwezimoto zemali, laqonda endlini ethile okukholakala ukuthi ibinabasolwa abenza lobu bugebengu, amaphoyisa ahlangabezana nenhlamvu, aphendula ngayo kwafa abane abebesendlini.
Amaphoyisa athola izibhamu neziqhumane endaweni okwatholwa kuyo abasolwa. Badutshulwa kusenesikhathi esingangesonto kubanjwe imoto yemali emgwaqweni uMalandela, khona KwaMashu.
Kwenzeka lezi zigameko nje, ngasekupheleni kukaSepthemba, amaphoyisa adubule impunyela, uMnuz Nkululeko Mkhize (30) noMnuz Sabelo Cele ababulawe besendaweni yabadla izambane likapondo eZimbali Resort eMhlanga.
UMkhize kuthiwa wayeyamaniseka emacaleni okuqothwa kwabahlanu enzeka edolobheni iRichards Bay, ezinsukwini ezimbili ezandulela adutshulwe ngalo.
UMnuz Eric Mtolo osekomitini elilwa nobugebengu eMontclaire, uthe izigameko zokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu, kungenxa yenqwaba yezibhamu ezigcwele kubantu, okwenza kungabi lula emaphoyiseni ukuqhuba umsebenzi wawo.
“Amaphoyisa anengcindezi ngoba izigebengu zihleze zihlomile. Umsebenzi wamaphoyisa wukuvikela umphakathi, nawo azivikele ezigebengwini kanti isikhathi esiningi umthetho uvamise ukuvuna izigebengu.
Ayisenziwa imikhankaso eminingi eyayenziwa kudala, ngesikhathi sobandlululo, yamaphoyisa yokungena emizini yabantu kuqoqwe izibhamu, okuyinto eyayisiza kakhulu,” kusho uMtolo.
UMnuz Zamani Khuzwayo oyikhansela le-DA kuMasipala weTheku, obeseke waba sekomitini elilwa nobugebengu eNanda, uthe okwenziwa ngamaphoyisa ukuvulela ngenhlamvu ezigebengwini, yinto elindelekile ngenxa yobungozi bazo.
“Izigebengu zihlome kakhulu, ngakho zihlasela kuqala uma amaphoyisa ezama ukuzibopha. Kunzima ukusho ukuthi ukudutshulwa kwazo kuzokwehlisa izigameko zodlame njengoba ziningi izinhlobo zobugebengu ezenzekayo, kungekhona kuphela ukuntshontshwa kwemali nokubamba inkunzi,” usho kanje.
Enkundleni yezokuxhumana iFacebook yeSolezwe, abantu abaningi bebencoma umsebenzi wamaphoyisa, bethi ukudutshulwa kwezigebengu kubuyisa ithemba ngoba nazo azinashwele uma zibenzakalisa.