IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, igqugquzele izivakashi ukuba zize ngobuningi bazo kuleli dolobha ngoba kuningi okuzozijabulisa.
UKaunda usho lokhu izolo ngesikhathi kuvulwa indawo yokuhamba izivakashi ebhishi laseMhlanga ebizwa nge-Whalebone Pier.
Uveze ukuthi kudle uR3.2 million ukuyivuselela le ndawo eheha inqwaba yezivakashi.
Uthe kumabhishi awu-23 aseThekwini, mathathu kuphela avaliwe njengamanje wacela izintatheli ukuba zibalekelele ukudlulisa lo myalezo.
“Amabhishi ethu aphephile ukuthi kubhukude abantu. Ahlolwa kabili ngesonto, yithina nezinye izikhungo ezizimele. Siyayishicilela nemiphumela yokuhlolwa kwawo njengomasipala onakekelayo. Njengamanje amabhishi avaliwe akusiwona okubhukudwa kuwona. Kusavalwe ibhishi lasePipeline, eliseWinkelspruit neliseBluff. Azize izivakashi zizojabula eThekwini,” kusho uKaunda.
Uthe izinsuku azifani ngemiphumela yokuhlolwa kwamabhizinisi ngakho kubalulekile ukuthi abezindaba balokhu bewudlulisa umyalezo emphakathini njalo uma sekunemiphumela emisha.
Uthembise ukuthi ubumnandi buseThekwini njengoba kuza impelasonto enkulu.
“Kuningi okuzojabulisa abantu eThekwini, sinemicimbi yobumnandi, amabhishi anamanzi afudumele, amahhotela amahle, iziqiwi nokunye okuningi. Sisebenzisana nosomabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi ezokuvakasha zihamba kahle kulo Disemba futhi nobugebengu buqashwe ngisho nangamakhamera,” kusho uKaunda.
UMnuz Musa Mbhele oyimenenja kaMasipala weTheku, uthe benza kahle kangcono kunabanye omasipala abahlola amanzi asemabhishi emva kwamasonto amabili.
Naye uhambe emazwini kaKaunda, wagqugquzela abantu ukuthi batheleke ngobuningi babo emabhishi ngoba konke bakubeke obala bewuMasipala weTheku.