AYISIKHOMBISA amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni avele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseTsakane, ngamacala abandakanya nelokubulala.
ULaurens Daniel Venter(49), Nkululeko Walter Mtetwa (36), Daniel Eric van Wyk (39), Gideon Johannes Myburg (60), Justin Sibusiso Ncube (50), Thamodhran Pillay (50) no-Eugene Phillip Raubenheimer (62), babhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukushaya ngenhloso yokulimaza nokuphula umthetho.
Kuthiwa ngoSepthemba 8, ebusuku, la maphoyisa agasela emzini wabagilwa lapho adubula abulala owesilisa (19) kwalimala kabi ona-29.
“Bonke baboshwe ngoSepthemba 10 no-11, ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni,” kusho okhulumela iNatonal Prosecuting Authority.
Enkantolo kuvele ukuthi uRaubenheimer unamanye amacala okucekela phansi impahla nokweba. Lawo macala aqulwa eNkantolo yeMantshi eBoksburg.
Bazobuyela enkantolo ngoLwesithathu, lapho bezofundelwa khona uhlu lwamacala abo nokucela ibheyili.