KUFE nabebeqala ukulala ngaphansi kwebhuloho ngesikhathi kuqothwa ngenhlamvu abasolwa ngokuba ‘amaphara’ abayisikhombisa, okuthiwa bahlalisa lubhojozi umphakathi ngokubamba inkunzi nokuntshontsha izimpahla zabantu.
Kulesi sigameko esenzeke ngoMsombuluko ebusuku, omunye wabahlala ngaphansi kwebhuloho likajantshi wesitimela eliseceleni komgwaqo uMalandela, ozibonele ngamehlo ngesikhathi kubulawa ozakwabo, uthe esigamekweni kufe nabebeqala ukulala ngaphansi kwalo.
“Abanye babo bebesolwa ngokwebela othile izinsimbi zesicabha elokishini bayozidayisa ehostela laKwaMashu. Abafowethu bebelele ngesikhathi behlaselwa. Mina ngibone ngoba bengisondela ngakhona ngingakalali.
Ukube bengilele nabo kusho ukuthi nami ngabe ngifile. Ngijikile ngabaleka, ngathola ithuba lokubiza amaphoyisa ne-ambulensi. Abathathu besebevele bethule, abanye bathule ngesikhathi bethathwa yi-ambulense,” usho kanje.
Yize iningi labantu bakuleya ndawo belikhombisa ukungabi nalo ulwazi ngababulewe futhi linqaba ukukhuluma ngalolu daba ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo, omunye ohlala ngaphansi kwalo ibhuloho uveze ukuthi ubengekho kwenzeka isigameko.
Uveze ukuthi abanye ozakwabo babambe inkunzi owesifazane obedlula ngendlela yezinyawo, enqamula ngaphansi kwalo.
“Abafowethu ababambe lo sisi inkunzi bamphuce izinto zakhe, omunye wabo umgwazile. Usisi uhambile, okusho kuthi ubikele isoka lakhe elihlala ehostela KwaMashu.
Ngisola ukuthi yilona elifike lihamba nomunye ebusuku ngoba kuthiwa bebebabili. Kuthe uma isoka lalo wesifazane libuza ukuthi wubani owenze lokhu, abafowethu basukuma bonke beza ngakuye, okuyilapho ekhiphe isibhamu waqala ukudubula,” usho kanje.
Indlela yezinyawo edlula lapho kwenzeke khona isigameko ivuthiwe, okukhombisa ukuthi kuhanjwa kuyo njalo njengoba inqamulela, iphakathi kwesiteshi samaphoyisa KwaMashu naserenke yamatekisi.
Bebethi gqwa abantu abahamba kuyo izolo ngesikhathi Isolezwe likhona, bebedlula bejeqeza indawo okuthiwa kubulawe kuyo abantu, obekusabonakala kuyo igazi labagilwa, lingagqitshiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naiker, uthe idokodo lokubulawa kwabayisikhombisa selidluliselwe ophikweni lwamaphoyisa alulwa nobugebengu obuhleliwe.
“Kusolwa ukuthi laba bagilwa abebeminyaka eko-30, badutshulwe ngabasolwa abangaziwa. Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa. Kuyaphenywa,” kusho uNaiker.