IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, lithe abamvikeli uMengameli Cyril Ramaphosa ngodaba lokutholakala kwemali engamaDola epulazini lakhe, iPhala Phala, eLimpopo ngoba kunezinhlaka ezimatasa nokumphenya ngalesi sehlakalo.
IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, lithe abamvikeli uMengameli Cyril Ramaphosa ngodaba lokutholakala kwemali engamaDola epulazini lakhe, iPhala Phala, eLimpopo ngoba kunezinhlaka ezimatasa nokumphenya ngalesi sehlakalo.
UMashatile uhlabe ikhwelo lokuthi lezi zinhlaka zinikwe ithuba lokuthi zenze umsebenzi wazo.
“Ziningi izinhlaka eziphenya umengameli ngodaba lwePhala Phala ngakho kudingeka sizeseke ukwenza lo msebenzi. URamaphosa usinike isiqinisekiso ukuthi uyasebenzisana nalezi zinhlaka kanti ukumphenya kwazo kusho lukhulu ngokuqina kwenkululeko,” kusho uMashatile ephendula imibuzo okokuqala ePhalamende njengephini likamengameli wezwe.
Kube nokubambezeleka ekuqaleni kwalolu hlelo lokuphendula njengoba kuvumbuke intuthu kwelinye lamahhovisi okuhleli kulo iPhalamende.
Uphenyo ngalesi sehlakalo, nokuthi kuphephile yini ukuqhubeka nokuhlala kwendlu, kubambezele ukuqala ukuphendulwa kwemibuzo kukaMashatile.
UMashatile uveze ukuthi udaba lwePhala Phala aluphelile njengoba uMvikeli woMphakathi esakhiphe umbiko wesikhashana.
“Nenkampani eqoqa intela, iSARS, kukhona uphenyo elwenzayo ngendaba yePhala Phala. Yingakho nginxusa ukuthi zonke izinhlaka eziphenyayo zinikwe ithuba lokwenza lolu phenyo.”
Ukhale ngokukhula kwesikweletu somasipala abakweleta i-Eskom.
“Omasipala bakweleta uR53 billion kanti lesi sikweletu siyakhula. Le nkampani izobeka imibandela uma isibheka eyezikweletu kulabo masipala abakweletayo.”
Odabeni lweminyango kahulumeni ekweleta omasipala, uthe le minyango kumele ikhokhe.
“Asikwazi ukuthi singagqugquzela abanye ukuthi bakhokhe ekubeni siwuhulumeni singakhokhi. Uma singakhokhi omasipala bazowa bhu bese sizibuza ukuthi kungani.”
Uthe njengoba kunezinhlelo zokuqeda ngendaba yokucishwa kukagesi kuleli, kudingeka kulungiswe ezinye iziteshi eziphehla ugesi kuleli.
Ugcizelele neyokuthi kunesabelo esizobhekelela labo abafaka ugesi welanga emakhaya nasemabhizinisi abo ukuze kwehle umthwalo obhekene ne-Eskom.
Odabeni lwabaholi bomdabu, uthe bahlela ukuhlangana nalaba baholi, wathi abesifazane kumele bakwazi ukuthola umhlaba.
“Sizohlangana nabaholi bomdabu ngoba abesifazane kumele babe abanikazi bomhlaba. Zonke lezi zinto sizozicacisa uma sesihlangana nabo,” kusho uMashatile.