USEPHUMELE obala ngesinqumo senkantolo esichitha ingqungquthela emkhethe ukuba ngunobhala we-ANC esifundeni Ekurhuleni, loyo osengunobhala wale nhlangano eGauteng, uMnuz Thembinkosi ‘TK’ Nciza.
Ikhipha isinqumo inkantolo, ithe ingqungquthela yokukhetha ubuholi Ekurhuleni ibingekho emthethweni. Lokhu kusho ukuthi kuzomele iqalwe phansi.
UNcinza ukhethwe waba ngunobhala we-ANC kulesi funda, ngaphambi kokuthi akhethelwe kwesikanobhala we-ANC esifundazweni.
Ingqungquthela ebingoMeyi ka-2022 ikhethe uMnuz Mzwandile Masina ukuba ngusihlalo we-ANC kulesi sifunda.
Kule ngqungquthela kube nesiphithiphithi kangangoba amanye amagatsha akhale ngokuthi avalelwe ngaphandle, eNdaba Hotel ese-Fourways.
Amalungu e-ANC abengagculisekile, athathe lolu daba alufaka enkantolo.
Inkantolo iphinde yakhomba njenjumbane obengunobhala we-ANC Ekurhuleni, uMnuz Thembinkosi Nciza, okuvele ukuthi wuyena obebhekele konke okuthinta ukhetho.
Isolezwe Ngempelasonto Online lithinte uNciza limbuza ukuthi isinqumo ngeke yini sibe nomthelela kuyena njengoba enguNobhala we-ANC esifundazweni iGauteng.
Uphendule ngamafuphi wathi le nto kayimphazamisi ngalutho, uzoqhubeka nokuba wunobhala wesifundazwe ngaphandle kwenkinga.