PHEZU kokuba iqonga ingcindezi yokuthi asule esikhundleni uMengameli Cyril Ramaphosa, emuva kokuba ithimba ebeliphenya ngodaba lokutholakala kwemali engamadola ishuthekwe efenisheni epulazini lakhe iPhala Phala kodwa abahlaziyi bezepolitiki bathi abamboni eshiya ngoba alikho icala asebekwe lona ngokusemthethweni.
Amaqembu ezepolitiki kanjalo nezinhlangano ezehlukene zomphakathi nezinyunyana zabasebenzi, zihlabe ikhwelo lokuthi akahoxe uRamaphosa emuva kokuba ithimba ebeliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, uJaji Sandile Ngcobo, ethole ukuthi kukhona icala okumele aliphendule uRamaphosa ngokutholakala kwemali kuleli pulazi eliseLimpopo.
Siye koshicilela izolo kubikwa ukuthi umhlangano ophuthumayo obekumele ube izolo ebusuku wesigungu esiphezulu se-ANC, usuzoba namhlanje.
Umhlaziyi ozimele wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe akaboni ukuthi uRamaphosa uzoshiya ngoba kalikho icala abhekene nalo.
Uthe kwayena uRamaphosa uhlale ekushumayeza ukuthi abantu abahoxe uma sebebekwe amacala.
“Angiboni ezosula ngoba alikho icala asabekwe lona ngokusemthethweni. Ngimbona ezoqhubeka angenele umbango wokuhola le nhlangano engqungqutheleni emaphakathi nale nyanga.”
Uthe njengoba ngoLwesibili kuzobhungwa ngendaba yalo mbiko ePhalamende, akaboni amalungu e-ANC engavotela ukumchitha.
“Ngeke avote ukuthi akachithwe, okunalokho azomvikela. Ahlale enza kanjalo ngisho nakumengameli Jacob Zuma, ayemvikela ePhalamende.”
USolwazi Bheki Mngomezulu weNyuvesi yaseWestern Cape, uthe akaboni uRamaphosa ezoshiya kalula ngoba ubelokhu ecasha ngesithupha ngalolu daba.
Uthe mhlawumbe angakwenza ukuhoxa isikhashana kusalungiswa udaba kodwa hhayi ukusula unomphela.
“Njengoba ebelokhu ecasha ngesithupha maningi amathuba okuthi angashiyi esikhundleni. Akazange awufunde umgqigqo wezepolitiki yingakho esotakwini olungaka namhlanje.”
Amaqembu ezepolitiki okubalwa i-ATM, EFF, UDM, izinyunyana okubalwa iSaftu nezinye izinhlangano, zinxuse uRamaphosa ukuthi ahoxe emuva kwalo mbiko.
Lezi zinhlaka zithi uRamaphosa utshengise ukuthi ubeka phambili izinto azenza engxenye kunokuthi abhekane nomsebenzi wokulawula izwe.
Nelungu lesigungu esiphezulu se-ANC uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ongomunye wabagaqele isikhundla sokuhola i-ANC, uthe uRamaphosa kumele ahoxe.
Ekhuluma ne-eNCA uthe kumele ahoxe njengomengameli wezwe nowe-ANC.
Usho lokhu nje sekusele cishe izinsuku ezimbalwa ngaphambi kwengqungquthela ezokhetha nobuholi eqala ngoDisemba 16 kuya ku-20, eNasrec eGoli.